SITHEMBISO MKHIZE
SEKUNTWELA ezansi ebholeni laseMzansi ngokusetshenziswa kwe-Video Assistant Referee (VAR) kwiPremier Soccer League (PSL) okuvela ukuthi izoqala ngesizini ka-2024/25.
Isolezwe lithole lokhu ngo-Abdul Ebrahim oyinhloko yehhovisi lonondweba kwiSouth African Football Association (Safa). Sekuneminyaka kukhalwa ngamaphutha onompempe kwiDStv Premiership kodwa singekho isixazululo. Ngesizini edlule baningi onompempe abamisiwe ngenxa yezinqumo ezishiye kukhalwa.
U-Ebrahim uveze ukuthi bahlela ukuthi i-VAR iqale ukusetshenziswa kwiPremiership kodwa bazoyiqala emidlalweni yezindebe.
"Sekuyakhanya lapho sibheke khona ngohlelo lwe-VAR. Emasontweni edlule iSafa beyihlangene nePSL (Premier Soccer League) kubhungwa ngenqubekela phambili. Kuvunyelwane ngokuthi kuqokwe ikomiti elizobhekana nokusetshenziswa kwayo kuleli. Simatasa nokukhetha leli komiti. Lizobhekelela nezinto ezifana nokuqeqeshwa konondweba nokunye okuningi. Maningi amathuba okuthi iqale ukusebenza ngesizini ka-2024/25 emidlalweni efana neyeMTN8, Carling Black Label neyeNedbank Cup. Emidlalweni yeligi sisasele emuva," kubeka u-Ebrahim.
Uqhube wathi okuhle ukuthi iningi lonompempe limatasa nokufundela ukusebenzisa i-VAR ezinhlakeni ezahlukene zeCaf (Confederation of African Football).
Okwamanje kuleli abanesitifiketi sokuyisebenzisa u-Abongile Tom, Akhona Makalima noZakhele Siwela. UVictor Gomes, ongesinye isikhulu ekomitini lonondweba kwiSafa, ucashunwe emcimbini weCosafa ethi sekuyakhanya nge-VAR. UGomes uyeke ukudlalisa nyakenye.
Uthe bamatasa nokubheka ukuthi kuzodinga malini ukuthi i-VAR isetshenziswe kuleli.
"IVAR iyikusasa lebhola emhlabeni jikelele. Izoyisiza kakhulu iPSL namanye amaligi emhlabeni. Okumele sikuqonde ukuthi ziningi izinto okumele siqale ngazo ngaphambi kokuyifaka kuleli. Okuhle wukuthi sikulungele ukuqala izifundo zayo. Asifuni ukutatazela ngoba sizogcina senza amaphutha," uGomes ucashunwe yiSABC esho lokhu. KwiCosafa eqhubeka e-Eastern Cape iyasetshenziswa iVAR.