IQUBULE imvunge kwabanye abaqeqeshi bamaqembu ePremier Soccer League indlela okuqokwa ngayo umdlali ovelele emqhudelwaneni omusha wePremier Soccer League (PSL), iCarling Black Label Knockout.
Umdlali ovelele uthole isheke lika-R100 000.
Ukusongwa kweyeLast 16 yalo mqhudelwano kulandelwe izinkulumo zabaqeqeshi ebezizwakalisa ukungenami ngendlela okuqokwa ngayo umdlali ogcina egoduke nalezi zishaqane.
Okugqama enkulumeni kaKaitano Tembo weRichards Bay FC, Lehlohonolo Seema, wePolokwane City nompathi we-TS Galaxy, uTim Sukazi, ukuthi bakholelwa ekutheni lolu hlelo luvuna aba badlali abadumile, ikakhulukazi laba abadlalela amaqembu athathwa njengamakhulu.
Esikhundleni sokujabulela ukudlulela kuma-quarterfinal alo mqhudelwano ohambisana no6.5 million kompetha, uTembo ukhwele wadilika ohlelweni okukhethwa ngalo umdlali ovelele.
Umdlali ovelele wosuku uqokwa abalandeli ngokuvota.
KoweBay ewunqobe ngo 2-1 kwiMoroka Swallows, kuqokwe u-Andile Jali weZinyoni njengomdlali ovelele kodwa uTembo uthe yena akabonanga kanjalo.
“Ngokwami kungcono iyekwe le nto yokuthi umdlali ovelele avotelwe abalandeli ngoba ngeke bubekhona ubulungiswa,” kusho uTembo kwiSuperSport ngemuva komdlalo.
“Uqokiwe lo oqokiwe kowethu (umdlalo) kodwa umuntu olaziyo ibhola uyazi nokuthi uYonela (Mbuthuma), uyena obegqame ukubedlula bonke abadlali abebesenkundleni.”
UTembo ukhuluma kanjena nje, uLehlohonolo Seema, wePolokwane City enqobe ngo 4-1 kwiSuperSport United usho sakuchiza ukuthi, ngeke aphawule lutho kodwa abadlali bakhe bayazi ukuthi uzizwa kanjani ngalolu hlelo.
Kube uNdumiso Mabena, oklonyeliswayo yize, uHlayisi Chauke, eshayele iRise and Shine amagoli amabili kulo mdlalo.
Ngaphambi kokuthi uqale lo mqhudelwano, uSukazi, ubesevele eyipopolile ingozi ngokuthi amandla anikwe abalandeli.
“Ukunika abalandeli amandla kuhle kodwa ayikho indlela yokukulawula lokho ngakho-ke imali izobhubhudlwa abadlali abayizithandwa emaqenjini athathwa njengamakhulu,” kusho yena eGoli emasontweni adlule, kwethulwa umqhudelwano.
Emdlalweni we-Orlando Pirates ewunqobe ngo 2-0 kwiCape Town Spurs ngoLwesihlanu oludlule, le mali ihambe nesilimo, uThembinkosi Lorch.
Emuva komdlalo, uLorch uzisholo yena ukuthi uqale ukudonsa kanzima esiwombeni sokuqala kwazise kule sizini, bekukade agcina ukudlala.
Izishaqane ziqalwe, uMlungisi Mbunjana, we-TS Galaxy enqobe sekukhahlelwa amaphenathi kwiMamelodi Sundowns ngeledlule.
KoweKaizer Chiefs lapho umqeqeshi wayo, uMolefi Ntseki, ephume khona esengaphansi kwamahawu amaphoyisa ngoba abalandeli bedinwe ukuwashiswa ijezi AmaZulu FC, kube uKeagan Dolly, oqokwa njengovelele.
EMpumalanga Stadium lapho iLamontville Golden Arrows ezidlele khona amahlanga kwiCape Town City iyititinya ngo 3-1, isheke likaR100 000 ligoduke nomgadli wamaCitizens, uKhanyisa Mayo, ongazange alishaye igoli kumbe akhele uzakwabo kulo mdlalo obekugqame kuwona abadlali abaningi be-Arrows, njengo-Angelo van Rooi.
Kube u-Iqraam Reyners uqokwe koweStellenbosch FC eshaye iChippa United ngo 2-1 kwase kuthi uJemie Webber, wadla umhlanganiso koweSekhukhune United ewashise iRoyal AM ijezi ngeSonto.
U-Arne Rust wakwaBlack Label ngesikhathi ekhuluma nabezindaba kwethulwa umqhudelwano eGoli, emasontweni adlule wathi, inhloso yabo ukunika abalandeli amandla.
“Akukho esingakwenza ngaphandle kokuqapha ukuthi abalandeli abavoteli abadlali ababathandayo kepha imali bayinika laba badlali abasuke bewufakile ngempela umfutho emdlalweni,” kusho uRust.
“Uma sikhona isidingo sokuyibuyekeza indlela okuvotwa ngayo sesiyobona ngesizini ezayo ngoba lokhu esikumemezele ngeke sisakuguqula,” kuphetha uRust.
Okunye okubukeka kunomthelela ekutheni ivoti liya ngakuphi, ukuthi umlandeli ovota kaningi angase abe nenhlanhla yokuziwinela ijezi elisayiniwe, lalo mdlali asuke emvotele.