KUVELA ukuthi iMilford ikumisile ukuthungatha umqeqeshi ngenxa yokuthola imiphumela emihle emidlalweni yakamuva yeMotsepe Foundation Championship.
Leli phephandaba lihoshe ukuthi uDkt Xinti Pupuma ongumnikazi waleli qembu angase aqhubeka nokuba “uJomo Sono” kuze kuphele isizini.
Maphakathi noSepthemba lesi sikhulu sikhombe indlela umqeqeshi, u-Asanda Mvalo, ngenxa yokuhlulwa yimiphumela.
Uxoshwe eseshaywe imidlalo emine kulandelana. Izintambo zibe sezibanjiswa uNhlanhla Hlongwa ophinde acije i-Oyzn Academy edlala kwi-ABC Motsepe League.
Emdlalweni wakhe wokuqala ubambane ngeqanda nePretoria Callies ekuhambeni, wabambana ngo 1-1 neMagesi, washaya iCasric ngo 2-0 neVenda ngamagoli afanayo ngempelasonto edlule.
Kuyo yonke le midlalo uPupuma ubenesithunywa ebesibonakala sihambisa imiyalelo kuHlongwa ebhentshini.
KoweVenda obusakazwa kwiSuperSport, uvele wajoyina ithimba labaqeqeshi ebhentshini.
Ngemuva komdlalo weMagesi nowadlalwa ngaphambi kwekhefu leFifa, uPupuma wayeveze ukuthi kuzoyiwa koweVenda sebemtholile umqeqeshi.
NoHlongwa watshela leli phephandaba ukuthi anganqaba uma enganikwa ngokuphelele umsebenzi wokucija leli qembu laseRichards Bay. Wayezeseka ngokuthi ukhakhayi lwakhe lusemanzi.
Umthombo utshele leli phephandaba ukuthi ukuthola amaphuzu aphelele kweMilford sekwenze uDkt Pupuma wakumisa ukubheka umqeqeshi.
Amagama abevela elikaSimo Dladla noMpho Maleka.
"Ngokusho kukaPupuma, izinto uma ziqhubeka nokubahambela kahle uzoqhubeka nokusizana noHlongwa. Ubona lokhu kuzomongela imali eningi. Ngaphandle kokuthola imiphumela emihle, ujatshuliswa nawukuthi abafana bakhe sebedlala ibhola elihle.
“Ngemuva komdlalo weVenda ubejabule ngendlela eyisimanga. Mhlawumbe-ke uma izinto zibajikela uzophoqeleka ukuqasha umqeqeshi onamava. Kodwa yena uzimisele ngokusizana noHlongwa ize iphela isizini," kubeka umthombo othe abadlali bathi obekwenza bangenzi kahle ngaphansi kukaMvalo ukuthi ubenesandla esiqinile. Ubefuna nokuthi badlale amabhola amade.
Kuthiwa ngaphansi kukaHlongwa noDkt Pupuma banikwe inkululeko yokudlala ibhola labo, inqobo nje uma bezolandela uhlelo lokudlala lweqembu. Ayiphumelelanga imizamo yokuthola uDkt Pupuma. Akayiphendulanga nemiyalezo athunyelele yona.
IMilford isuke endaweni yokugcina yanyukela kweyeshumi ngamaphuzu ayisishiyagalombili.
Kuqhwakele i-Orbit College ngawu-19, emidlalweni eyisishiyagalombili.
Ngempelasonto edlule, ishaye iCallies ngo 1-0. Kweyokugcina kuneVenda ngamaphuzu amahlanu. Isanqobe umdlalo owodwa kuphela.