NAKUBA ekuqaleni kwesizini, kuke kwaba nemibiko ebithi i-Orlando Pirates ifuna ukumchitha uBen Motshwari, kodwa imenenja yakhe, uPalisa Mkhize, iveze ukuthi kayinalo noluncane uvalo ngekusasa lalo mdlali nakuba ephelelwa inkontileka ekupheleni kukaJulayi, yangonyaka ozayo.
Ngesikhathi eZimnyama zisayinisa uThabang Monare obephuma kwiBidvest Wits, iningi liqagele ukuthi uMotshwari izomphelela indawo enkabeni yesisu.
Ngempela kube sekuvela ukuthi iPirates ufuna ukumbolekisa kwiRichards Bay nakwiSekhukhune United.
Nokho lo mdlali ushaye phansi ngonyawo, wathi uzoyilwela indawo yakhe.
Empeleni kugcine kuhambe uLinda Mntambo ukuya kwiSekhukhune, naye ophethwe iPulse Players Management kaMkhize. Kuvele izindaba zikaMotshwari, esanda kuvuselela inkontileka ngonyaka owodwa kwiPirates, njengoba eyakhe (Mntambo) iphela ngoJulayi wangonyaka ozayo.
Kubuzwa uMkhize ngesimo sikaMotshwari, uveze ukuthi nakuba engakaziqali izingxoxo neZimnyama kodwa wethemba ukuthi inkontileka yomdlali wakhe izovuselelwa.
"Empeleni angithandi ukukhuluma nabezindaba ngezinkontileka zabadlali. Lolo daba luphakathi kwami naye nekilabhu. Nakuba kunjalo, ngithanda ukukuveza ukuthi kasithukile nakancane, uBen uwumdlali wezinga eliphezulu. Uyazi ukuthi iPirates yiqembu elikhulu, ngaso sonke isikhathi kumele asebenze kanzima uma efuna ijezi. Okusijabulisayo ukuthi umqeqeshi uyakholelwa kuyena. Siye ekhefini leNdebe yoMhlaba emdlalisa," kubeka uMkhize.
Ezinyangeni ezedlule, kuke kwavela nokuthi uMotshwari ucathanyelwa nayiKaizer Chiefs.
Ebuzwa ngalokhu uMkhize, uthe: "Nokuthi iPirates beyifuna ukubolekisa uBen, sakuzwa ngani bezindaba. Nalokhu kweChiefs sikuzwa ngani. Njengoba sengishilo, uBen unenkontileka nePirates, ngicela sikuhloniphe lokho, iyona eyazi ngekusasa lakhe.“
Enkabeni yesisu, uMotshwari ijezi ulibanga noGoodman Mosele, Thabang Monare, Miguel Timm, Fortune Makaringe noNdabayithethwa Ndlondlo.
Kuyiwe ekhefini, uMotshwari esadlale eyisishiyagalombili yeDStv Premiership nemithathu yeMTN 8 ngaphansi komqeqeshi uJose Riveiro.
NgoDisemba 30, eZimnyama zizobuyela enkundleni ngomdlalo onzima njengoba zizobhekana neMamelodi Sundowns, eLoftus Versfeld Stadium, ngo-3.30 ntambama.
Ziye ekhefini zishaywe yiKaizer Chiefs ngo-1-0. Ngakolunye uhlangothi, amaBrazilians abebhaxabule iRoyal AM ngo-3-0. Kwi-log. IPirates ikweyesihlanu, ngamaphuzu awu-19, emidlalweni ewu-13. ISundowns isesicongweni ngamaphuzu awu-28 emidlalweni ewu-12.