Maritzburg United (1) 2
Marumo Gallants (0) 2
IMARITZBURG United izifake otakwini ibanjwa yiMarumo Gallants emdlalweni weDStv Premiership eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoLwesithathu ebusuku.
Amagoli eTeam of Choice ashaywe nguBrendon Theron no-Amadou Sokouma esiwombeni ngasinye. AweGallants abekwe enethini nguRanga Chivaviro noMpho Mvelase ngesesibili.
IMaritzburg ingene enkundleni inengcindezi yokuwina ukuze izibeke ethubeni lokubalekela izembe. Ukudlala ngokulingana kwayo neMarumo izilahlekisele ngethuba lokusuka emsileni. ITeam of Choice isenkingeni nje, isawine kanye emidlalweni engu-11 yakamuva. Igcine ukuqoqa amaphuzu amathathu ngo-Ephreli 2 yehlula iTS Galaxy ekuhambeni. Ukudedela amaphuzu kweMaritzburg kuyifake ingcindezi yokuthi kufanele iwine noma yikanjani emidlalweni emibili yokugcina.
Enkundleni, iMaritzburg iqale ngegiya eliphezulu, izama ukuthola igoli ngokushesha kodwa yehluleka uma isifike phambili. Nokho lokho bekungayitheni amandla kwazise ibilokhu iqhubeka nokuzama. Kugcine kulungile ngomzuzu ka-22 ngesikhathi uTheron edonsa inguzunga yeshodi engaphandle kwebhokisi yabhajwa enethini, kwachwaza inkundla. IMarumo izamile ukubuya kodwa izinto bezingayivumi phambili.
Esiwombeni sesibili iGallants ibuye ngamandla kodwa ibingakaxazululeki inkinga yaphambili phezu kokuba iMaritzburg ibinamaphutha emuva. Ngomzuzu ka-73 uChivaviro, obesanda kungena, uyijezisile iMaritzburg eqobela phakathi igoli lokulinganisa. Ngomzuzu ka-80, unompempe ubeke iphenathi emuva kokudlaliswa kabi ebhokisini kukaGenino Palace we-United. USokouma uyishaye phakathi. Ngesikhathi esengeziwe, uMvelase ungqofele phakathi i-free kick kaLucky Mohomi.
Emdlalweni emibili yokuvala isizini, iMaritzburg izobhekana neStellenbosch ngoMeyi 13 ekhaya, ivale neMamelodi Sundowns ekuhambeni ngoMeyi 16. IMarumo yona ihleli endaweni ka-14 okusho ukuthi nayo ayikasindi emlonyeni wengwenya