Mamelodi Sundowns (1)1
Maritzburg United (0) 1
KUSABANJWE umoya ekhempini yeMaritzburg United ngekusasa laleli qembu esigabeni esikhulu kulandela ukubambana ngo-1-1 neMamelodi Sundowns, kowokugcina weDStv Premiership, ngoLwesibili, eLoftus Versfeld Stadium.
YiSundowns eqale ukubona imbobo yepali ngegoli likaBradley Ralani elingene ngomzuzu ka-24. Kube ukubambisana okuhle phakathi kwakhe noNeo Maema. Elabafana baseMphithi lishaywe ngoka-71, u-Ali Meza obesuka ebhentshini.
Kuyiwe kulo mdlalo iMaritzburg isemsileni ngamaphuzu awu-29.
Ibibambene neChippa United ekweyesibili uma kusukwa emsileni neMarumo Gallants ekweyesi-14.
Iphuzu elithole kwiSundowns ilinyusele kweyesi-14 ngamaphuzu awu-30.
Nokho ayikasuki engozini yezembe njengoba kuzomele ithandazele ukuthi iLamontville Golden Arrows ishaye iChippa neSwallows yenze okufanayo kwiGallants ngoMgqibelo. Le midlalo izoqala ngesikhathi esifanayo ngo-3 ntambama.
EzikaFadlu Davids zibekwa engozini ukushaya amagoli ambalwa nokungenelwa amaningi kunezimbangi zazo.
Nakuba iSundowns yaziwa ngokuvulela isibhaxu kodwa iMaritzburg iye kulo mdlalo izethemba ngenxa yokushaya iStellenbosch ngempelasonto edlule.
Akubuzwa ukuthi abalandeli beTeam of Choice bathandazela ukuthi singabaphinde esango-2006/07 lapho badliwa izembe.
Iqembu laze labuyela esigabeni esikhulu ngo-2008/09.
Selokhu lakhuza ibuya esigabeni esikhulu ngo-2008/09, isikhathi esiningi libalwa namaqembu avika izembe.
Yingesizini ka-2014/15, 2016/17 nakweka-2019/20, lapho lenze kahle khona lilala ku-Top 8. Lizithola lisenkingeni nje, nakwedlule belisonge kweyesi-13.
Ngasohlangothini leSundowns, yize ithole iphuzu kodwa kube yimibhiyozo kulabo abebesenkundleni njengoba ibiyokwamukeliswa indebe yayo yeligi okwesithupha amasizini elandalana. AmaBrazilians kwacaca sekusele imidlalo eyisikhombisa ukuthi alisekho iqembu engalifica esicongweni njengoba isonge inawu-70. Okwamanje iqembu elisendaweni yesibili, i-Orlando Pirates linamaphuzu awu-51.
Emdlalweni esiwombeni sokuqala, iMaritzburg ibiyibambe kahle. Kunamathuba amahle atholwe u-Amadou Soukouna kwasiza unozinti weSundowns, uDenis Onyango noMosa Lebusa. Izinto ziqale ukonakala umdlali weTeam of Choice, uKarim Kimvuidi, enza iphutha phambi kwebhokisi likanozinti wakhe uRenaldo Leaner.
Kwesesibili; abafana baseMphithi bavuke bama ngezinyawo, lishaya ipali ibhola ebelingqofwe uRafu De Goede. Ngemuva kwalokhu, abafana noBonginkosi Makume, Rowan Human, Brandon Tharon, bese beshisa bengabaselwe bebambisene noMeza oshaye elokulinganisa ngemuva kwezinguquko zezitha.
Ukudlala kweSundowns neWaydad AC yaseMorocco, ngoMgqibelo, emlenzeni wesibili owandulela owamanqamu eCaf Champions League, kwenze ngoLwesibili, iSundowns yabeka ngaphandle izethenjwa ezifana noPeter Shalulile, Themba Zwane ukusho ezimbalwa.