UKUDLA izicoco ezimbili kweReal Madrid ngesizini edlule okungeseSpanish La Liga ne-Uefa Champions League, nokusayinisa kwayo abadlali abanohlonze, akungatshazwa ukuthi kwenze kwalindeleka lukhulu kuyona kule sizini ka-2024/2025.
Ngaphambi kokuqala kwale sizini, iMadrid isayinise abadlali abanohlonze, okubalwa kubona uKylian Mbape esuka kwiParis Saint-Germain (PSG) yaseFrance, no-Endrick osuka kwiPalmeiras yaseBrazil.
Nokho kubukeka lingakayikhombisi le fomu ebelikuyona ngesizini edlule leli qembu eliqeqeshwa ngu-Carlo Ancelotti, nokubukeka lingase likuthole kunzima ukuzivikela zombili izicoco zalo elizinqobe ngesizini edlule uma lingashintshi umshovo.
UMbappe ufike kuleli qembu ethwelwe ngeqoma njengozofika kuzwakale kwi-Los Blancos kwazise ubegila izimanga kwi-PSG, kodwa kuze kube manje lo mgadli owaziwa ngokungalibheki ipali, akakayenzi imilingo adume ngayo.
Isiphekepheke somdlali wasesiswini, uJude Bellingham, ufike wenza ezibukwayo ngesizini edlule ejoyina leli qembu esuka kwiBorussia Dortmund, wadlala ngokukhulu ukuzwana noVinicius Junior noDani Carvajal.
Nokho uMbappe usakuthola kunzima namanje ukudlala ngokuzwana noJunior ongumdlali wasohlangothini lwesokunxele, nokuyikho okwenza inkakha yaleli qembu, uKarim Benzema, ishaye amakhala ngokudlaliswa kwalo mgadli waseFrance endaweni efanele kule qembu laseSpain.
“UMbappe akayena umgadli. Ngaso sonke isikhathi uma edlala u-9 eqenjini lesizwe laseFrance akadlali kahle ngoba leyo akuyona indawo yakhe.
“Inkinga-ke manje kwiMadrid bamdlalisa u-9 esikhundleni sokumdlalisa ohlangothini lwesokunxele, okuyindawo edlalwa uVini ongumdlali osezingeni lakhe.
“Ngeke-ke ukwazi ukudlalisa uVini ohlangothini lwesokudla noma njengomgadli, ngoba lapho adlala kahle khona kusohlangothini lwesokunxele. Kodwa-ke kukuyena u-Ancelloti ukuthi ukwenza kanjani lokho,” kusho uBenzema, ecashunwa yi-Managing Madrid.
Yize uMbappe esashaye amagoli ayisishiyagalolunye emidlalweni engu-19 asayidlalile kuyo yonke imiqhudelwano, kodwa uBenzema ukholwa wukuthi lo mgadli ubengenza okungcono kakhulu kunalokhu asakwenzile njengamanje ukuba ubedlaliswa endaweni ayijwayele.
“Njengoba edlala u-9 uyaphoqeleka ukuthi ahlale phakathi nendawo, kodwa angakwazi futhi ukwenza umsebenzi womdlali wale ndawo ayidlalayo, nokugcina sekuphoqa uJude ukuba azithole esedlala izindawo ezahlukene, okuwudlala esiswini naphambili phakathi nendawo.”
Nokho, kubukeka umqeqeshi u-Ancelloti eseqala ukuyibona indawo efanele uMbappe muva nje, njengoba emdlalise ohlangothini lwesokunxele emidlalweni emibili yakamuva yeLa Liga abayidlale ne-CD Legane neGetafe.
Njengoba iMadrid isahleli endaweni yesibili kwi-log yeLa Liga ngemuva kwezimbangi, iBarcelona, abahlukaniswe ngamaphuzu amane nayo, yize isasalele emuva (iMadrid) ngomdlalo owodwa, kodwa nakwiChampions League ayikaqali kahle.
Isishaywe imidlalo emithathu kwemihlanu yeChampions League esayidlalile, okubalwa kuyo nokubhaxabulwa yiLiverpool ngo 2-0 muva nje.
I-Los Blancos ebuya kwesinye isibhaxu sika 2-1 esithole kwi-Athletic Club ngoLwesithathu, ibuyela ensimini ngokubhekana neGirona koweligi namuhla ngo-10 ebusuku, e-Estadi Montilivi, eGirona.
Bese ibuyela kweyeChampions League ngokubhekana ne-Atalanta, ngoLwesibili ngo-10 ebusuku, eGewiss Stadium, eBergamo, e-Italy.
I-LOG YE-SPANISH LA LIGA
Amaqembu PWDLFAPts
Barcelona 161213481737
Real Madrid151032311333
Atletico Madrid1595126832
Athletic Club16853241529
Villarreal14752272326
Mallorca16752272324
Osasuna15654202323
Girona15645222022
Real Sociedad15636211321
Real Betis15555161820
Sevilla15546141919
Celta Vigo15 537232718
Rayo Vallecano14446141616
Las Palmas15438202615
Leganes15366142015
Alaves15429162514
Getafe15276101313
Espanyol14419152713
Valencia13247132110
Valladolid15231010329
Imidlalo yeSpanish La Liga:
Namuhla - Ngo-3pm:
Las Palmas v Valladolid
Ngo-5.15pm:
Real Betis v Barcelona
Ngo-7.30pm:
Valencia v Rayo Vallecano
Ngo-10pm:
Girona v Real Madrid
Kusasa - Ngo-3pm:
Leganes v Real Sociedad
Ngo-5.15pm:
Athletic Club v Villareal
Ngo-7.30pm:
Osasuna v Alaves
Ngo-10pm:
Atletico Madrid v Sevilla