‘SEKUNEMINYAKA izinqumo zonondweba zishayisa amakhala kwiPremier Soccer League (PSL) kuthuleke kodwa lokhu sekwenziwa indaba enkulu ngoba sekuqala ukugadla nasemaqenjini aphathiswa okwamaqanda kule nhlangano.’
Lawa amazwi omnikazi weTS Galaxy, uTim Sukazi, awasho ngesikhathi ebuzwa ngesihlava sezinqumo zonondweba ezixakile eseziphenduke undabizekwayo muva nje.
USukazi nguyena kuphela usihlalo weqembu obekhona ngeledlule kuqhathwa imidlalo ye-Last 16 yeCarling Black Label Knockout eGoli.
Lo sihlalo uthe ngelinye ilanga liyovela iqiniso ngezinqumo zonondweba yize engazange anabe ngalokhu abekusho.
“Siyaphoxa isimo sonondweba beligi enkulu yaseNingizimu Afrika kodwa akuyona into eqala manje kepha inabanikazi bayo okungelula ukufinyelela kubona,” kusho uSukazi ngaphandle kokusho amagama abantu.
Ziningi izinqumo zonondweba ezisuse umsindo kusukela kuqale isizini njengephutha likaSiyabonga Nkomo, osekuwumlando ukuthi umisiwe ukudlalisa kulandela ukuvuma igoli leMoroka Swallows kusobala ukuthi uGabadinho Mhango ududulele unozinti weSekhukhune United enethini.
U-Abongile Tom umisiwe ngo-Agasti kulandela amaphutha awenze nabasizi bakhe okukhona kubona noZakhele Siwela koweMTN 8 phakathi kweMamelodi Sundowns neKaizer Chiefs.
“Kumasizini amane adlule ngiyikhulumile eyezinqumo zonondweba kodwa nganganakwa ngisho yinina abezindaba imbala.
“Isisematheni le ndaba ngoba lezi zinqumo sezithinta namaqembu asenyongweni yeligi. Ayikaze ingabikhona imvunge ngezinqumo zonondweba.
“Kwesinye isikhathi ngize ngicishe ngamukele ukuthi mhlawumbe indlela esidalwe ngayo singabantu baseNingizimu Afrika.
“Ngeke kwenzeke ukuthi akekho owaziyo ngalokhu okwenzekayo. Ngelinye ilanga bakhona abayophendula, ngiyakholelwa kulokhu,” kuqhuba uSukazi.
Lesi sikhulu sibuzwe ngokuthi yini esicabanga ukuthi ingaba isisombululo kulesi sihlava sezinqumo zonondweba.
“Kunzima ukuqeda umkhuba onezimpande ezijulile ngakho-ke kungathatha iminyaka uma kungathiwa iyalungiswa le nto.
“Kunabantu asebelenze elabo ibhola laseNingizimu Afrika ngakho ushintsho luyoqala mhla kwashintsha izinhliziyo zalabo bantu,” kuphetha uSukazi.