Oyimenenja yeDlangezwa Hellenic edlala kwiSafa KwaZulu-Natal ABC Motsepe League, uFana Mbatha, uthi babone kunesidingo sokuqinisa ithimba labaqeqeshi ngokulanda umqeqeshi osazi kangcono lesi sigaba uMafa “Wele” Zuma.
Ekuqaleni kwaleli sonto, Zuma ujoyine ithimba labaqeqeshi leHellenic eliholwa wuPapi “Ginger” Zothwane olekelelwa ngumnewabo uNhlanhla.
UZothwane ujoyine leli qembu laseMpangeni elingomakoti kwi-ABC Motsepe League, esuka kuThongathi FC ebidlala kwiMotsepe Foundation Championship, edayiswe ngaphambi kokuqala kwale sizini yathengwa yizikhulu zeMilford FC.
“Empeleni umbono wokuthi kulandwe uMafa ekubeni yingxenye yethimba lethu labaqeqeshi uqhamuke nalo ithimba lethu labaqeqeshi eliholwa uPapi. Nathi-ke singabaphathi beqembu sabona kufanele ukuthi simsondeze umqeqeshi onjengaye (uZuma) onolwazi olunzulu ngalesi sigaba seMotsepe League esikusona,” kusho uMbatha.
“UPapi ungumqeqeshi osiqonda kangcono isigaba seMotsepe Championship njengoba eqeqeshile kuso, kanti ngakolunye uhlangothi uMafa usiqonda kangcono isigaba seMotsepe League. Engifisa ukucacisa la ukuthi uPapi uzoqhubeka nokuba yinhloko yabaqeqeshi, uNhlanhla naye aqhubeke nokuba yiphini, uMafa uzoba yingxenye yethimba labaqeqeshi ngokulekelela ngamaqhinga.”
Lesi sikhulu sithi nakuba bengeke bazithele ngabandayo uma ithuba lokulwela isicoco seligi, kodwa inhloso-ngqangi yabo kule sizini yabo yokuqala esigabeni seMotsepe League wukulwela ukuzinza.
“Okwamanje uzinzo nokukhulisa iqembu yiyona njongo yethu enkulu kule sizini njengeqembu elisha kulesi sigaba. Sikholwa wukuthi ngethimba labaqeqeshi esilihlanganisayo kule sizini, nakanjani ngesizini ezayo sizobe sesikhuluma olunye ulimi, okuwulimi lokulwela ukunqoba isicoco seligi siyodlala amaPlay-Off kazwelonke, nakuba-ke lokho kungasho ukuthi sizozithela ngabandayo uma ithuba lokulwela isicoco seligi liziveza.
IHellenic isazodlala neNjampela FC noMkhumbane Classic okuyiwona maqembu asembangweni wesicoco seligi kuStream A.
Kule mpelasonto okuqala kuyo umzuliswano wesibili wesizini ka-2023/24, iHellenic esendaweni yesihlanu kwi-log kaStream A izotholana phezulu neMuzi King Masters, eMpangeni Rugby Stadium, eMpangeni, kusasa ngeSonto ngo-12 emini.
Isiyonke imidlalo yeSafa KZN ABC Motsepe League:
KuStream A:
Namuhla - Ngo-3pm:
Durban Pioneers v Summerfield Dynamos (King Zwelithini Outer Field); Njampela FC v Stone Breakers (Prince Mangosuthu Stadium); Oyzn Academy v Mkhumbane Classic (Mpangeni Rugby Stadium); Midlands Wanderers v Asande FC (Darnall Field)
Kusasa - Ngo-12pm:
Hellenic v Muzi King Masters (Mpangeni Rugby Stadium)
KuStream B:
Ngo-12pm:
Ethekwini Coastal FC v Umvoti FC (SJ Smith)
Ngo-2pm:
Mkhambathi FC v Chess (Kwamsane Stadium);
Ngo-3pm:
Titanic v Remax Address Friends (Umkomaas Bisset Ground); Swayimane United v Newcastle All Stars; Drakensburg v Msinga United (Kandahari Stadium)