Young Africans (0) 2
Marumo Gallants (0) 0
ANCIPHE ngemizuzu yokugcina amathuba eMarumo Gallants okungena kowamanqamu weCaf Confederation Cup ngesikhathi ivumela igoli lesibili leYoung Africans SC yaseTanzania, emdlalweni womlenze wokuqala kweyandulela owamanqamu yeCaf Confederation Cup ngoLwesithathu ntambama, eNational Stadium, eDar es Salaam.
Nakuba iGallants ibibheke ukubuya nokuthile ekuhambeni kodwa ithuba lokuguqula izinto ekhaya linciphe ngemizuzu yokugcina yomdlalo, ngesikhathi ivumela ukungena kwegoli lesibili.
Yize seliwumqansa kodwa lisekhona ithuba emdlalweni womlenze wesibili ozokuba ngoLwesithathu oluzayo ngo-6 ntambama eRoyal Bafokeng Stadium.
IGallants sekumele ilwele ukunqoba ngamagoli angaphezulu kwalawa kuleli bese igwema nokuthi izitha zithole igoli.
La maqembu ahluke kakhulu uma uqhathanisa izindawo akuzona kumaligi awo, aqale lo mdlalo sakuthengana kungacaci ukuthi yiliphi elifuna ukuveza izinhloso zalo ngokushesha.
IYoung Africans isesicongweni seligi yaseTanzania esisalelwe yimidlalo embalwa ukuthi isongwe ekubeni iGallants isempini enzima yokuzama ukubalekela ukugencwa yizembe kwiDStv Premiership.
URaymond Mdaka opheka iGallants uqale umdlalo ngaphandle kukaLesiba Nku noCelimpilo Ngema, ngenxa yezizathu ezahlukene.
Okuqapheleka ngalaba badlali bobabili wukuthi emidlalweni edlule bangabanye abebegqamile njengoba beshaye namagoli ngokwahlukana kwayo.
Esiwombeni sokuqala bezithengana kuphela, kwaze kwayiwa ekhefini lingekho iqembu eselibhakuzise inethi.
Ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili, iGallants ithole amathuba amabili amahle kodwa yangawasebenzisa ngendlela, umgadli wayo uRanga Chivaviro, ubese ekhombisa izimpawu zokuphaphama kulesi siwombe.
Izivakashi bezilokhu ziya ziphindelela amapalini eYoung Africans kodwa yahluleka ukuthola igoli lasekuhambeni.
Kubhedile kwiGallants ngomzuzu ka-64 ngesikhathi uStephen Aziz Ki, ebeka iqembu lasekhaya ebuhleni ngengcwenga yegoli emshiye emile unozinti wayo, uWashington Arubi.
Lokhu kulandelwe yizingququko ezine kwiYoung Africans, obekukhona kuzona uBernard Morrison waseGhana, oseke wadlalela i-Orlando Pirates.
Yize ukungena kwaleli goli kungazange kubukeke sengathi kuyayibohlisa iGallants kodwa obekucaca wukuthi nokukhathala kwabadlali (abayidlala yonke imiqhudelwano ngesikwati esincane), sekuhleli obala.
NoMdaka uzenzile ezakhe izinguquko ezingene neminyakazo kodwa igcine ngokuthusa kwaze kwaba ngasekugcineni lapho iGallants evumele uMorrison eshaya igoli esikhathini esengeziwe, esenze kube nzima ngokwedlulele ukuthi iGallants ikwazi ukuphendula izinto, ithole indawo kowamanqamu.