IMPUMELELO iMamelodi Sundowns ebe nayo ngoPercy Tau, evumbuka ezinkulisayo zayo ayisize iwole izicoco, okubalwa kuzo neChampions League ngaphambi kokuwelela phesheya, isiphenduke umhluzi wokupheka iningi labadlali abasebancane kwelaseChloorkop.
UTau ubeneminyaka engu-18 enqoba iligi neSundowns ngo-2014, ngesizini yakhe yokuqala ebuya ekubolekisweni.
Akabange esabheka emuva kodwa waqhwaga ijezi wayisiza yawola ezinye izicoco njengeChampions League ngo-2016, neSuper Cup ngonyaka olandelayo.
Ngayedwana ubelokhu egqamile waze waqokwa njengomdlali ovelele eligini wadla nesicathulo segolide ngo-2017/2018.
Ushiye kuleli ngo-2018, eya kwiBrighton & Hove Albion, e-England, kwabe sewukuqala komjikelezo wempilo yakhe yokudlala ibhola phesheya ngoba kuyimanje eyisethenjwa kwi-Al Ahly, e-Egypt.
Emuva kukaTau, iSundowns ilokhu ibaqhululile abafana abancane ababukhali. Kuke kwakhona uKeletso Makgalwa, nokho egcine imdedele.
Kumanje kunoPromise Mkhuma, obolekiswe kwiPretoria University, yena olandelwe nguCassius Mailula, odayiswe ekupheleni kwesizini edlule kwiToronto FC, e-USA. Kanti ukhona noSiyabonga Mabena, olokhu ezifake ambhukwini anothile omlando ePremier Soccer League (PSL).
“Inhlanhla yeSundowns wukuthi ibe nabaqeqeshi abakwaziyo ukudlalisa abafana abasebancane,” kusho uThabo Nthethe.
“Into yokubophela abadlali abasebancane ibucayi ngoba ukumqalise umdlali emdlalweni kanti bekuzoba ngcono ukuba uqale ebhentshini. Lokho kuyambulala uma ezithole ebhekana nesimo esinzima.”
Lesi sitobha, esiqukule izicoco neSundowns sihambisana noTau, sithi akulula ukungena eqenjini elikhulu, ikakhulu elinabadlali abaphambili njengelaseTshwane.
“Akulula ukuphuma enkulisa uye esikimini esikhulu kodwa inhlanhla yalaba bafana kwiSundowns wukuthi abaqeqeshi bayazinika ithuba lokukubukela eduze ngokwanele, bakucubungulisise ukuthi ukulungele yini? Uzofika ungene kuphi, kanjani?
“Konke lokho bakuhlola ngokuthi bakunyuse uyozilolonga neqembu elikhulu nokuyilapho kusuke kuzovela khona izinga lakho lokulungela ukudlala, nokuthola leyo nkontileka neqembu elikhulu.
“Enye into enhle kwiSundowns, wubudlelwano phakathi kwezinhlaka zabaqeqeshi nabahlonzi bethelante,” kubeka uNthethe.
UMailula noMabena ngabanye abadlali abangakufihli ukuthi kubakhuthazile okwenzeke kuTau.
“Uma ngikhumbula kahle, noMabena uke wabhoboka ngokukhuthazwa yindlela ehanjwe nguTau kwiSundowns. Wayesengumfanyana omcane (uMabena) ngesikhathi uPercy enyuswa ukuzozilolonga nathi,” kuchaza uNthethe.
“Indlela ehanjwe nguTau iyisibonelo esihle ekukhuthazeni abadlali, kungasho-ke ukuthi ngoba nakhu uTau uye e-England, lokho kusho ukuthi nami sengizoya e-England.
“Kuyisibonelo esihle futhi kuyabakhuthaza abadlali ukukhula kunendlela abakhulu beyibuka iphambi kwabo isicatshiwe.”