Mamelodi Sundowns (1) 1
Richards Bay (0) 0
IMAMELODI Sundowns izibuyisele emgqeni wokwephula irekhodi lePremier Soccer League (PSL) lamaphuzu amaningi ihlula iRichards Bay FC emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibili ntambama, eLoftus Versveld.
Leli qembu elingompetha beligi lize kulo mdlalo lingayazi iwini emidlalweni yeligi emithathu. Linqobe umdlalo walo ka-20 weligi kule sizini.
Okuhle ngalo mphumela ukuthi uma iSundowns iyinqoba yomithathu imidlalo yeligi eyisalele, izoliphula irekhodi layo lamaphuzu angu-71 okuseyiwona amaningi kunawo wonke ngesizini eyodwa yePSL. Lokhu yakwenza iholwa uPitso Mosimane ngesizini ka-2015/2016.
Igoli okunqobe ngalo iSundowns lishaywe uThapelo Morena, okhishwe esiwombeni sesibili kwafakwa uKhuliso Mudau, endaweni yakhe.
ISundowns iqale umdlalo ngenqwaba yabadlali abangalijwayele ijezi okubalwa uLebohang Maboe, Siphelele Mkhulise, Bongani Zungu noTerrence Mashego.
Nakuba iBay ibililandela kodwa bekucaca ukuthi izele ukuzobamba iSundowns ngejubane okufakazelwa amathuba amabili amahle atholwe uSanele Barns kodwa amhlula esiwombeni sokuqala.
Maphakathi naso (isiwombe sokuqala), ibhola likaMkhulise, ebelingatheni libashayanise ngamakhanda abadlali basemuva beBay, lawela kuMorena olibeke enethini ngomzuzu ka-25.
Ingakapheli imizuzu yokuqala engu-30, iSundowns iphoqeleke ukukhipha uCassius Mailula no-Abubaker Nassir, bobabili abebelimele izindawo zabo zathathwa uThabiso Kutumela noGaston Sirino.
Kuyenze yabankulu inkinga yeBay ukungena kwalaba badlali bobabili kwazise bebefika bephindelela emapalini eBay bengena ngakho kodwa.
Uqhubekile uRulani Mokwena, oqeqesha iSundowns, ukushintsha isikimu sakhe njengoba efake, uMosa Lebusa, zibuya ekhefini othe efika wavimba ibhola ebese limdlile, uRonwen Williams, obevimbele iSundowns.
Abadlali beBay babuye ekhefini sebelikhuphulile izinga ngoba iyona ebese iphungwa nezithebe emapalini kaWilliams.
Ngendlela iBay edlale kahle ngayo esiwombeni sesibili, bekufanele okungenani ithole iphuzu kodwa wanqaba uWilliams esizwa yizitobha zakhe uMudau noLebusa.
Ukuhlulwa kweBay kusho ukuqhubeka nokulengela ezembeni kwayo njengoba leli qembu laKwaZulu-Natal bekuwumdlalo walo ka-12 lihluleka ukunqoba.
Akulihambeli kahle selokhu kuqale umzuliswano wesibili kwiligi, selehlele endaweni yeshumi ngaphuzu awu-32 emidlalweni ewu-27. IBay isizodlala neChippa, Cape Town City noweRoyaI.