IMIDLALO ye-2022 Fifa World Cup, eqhubekayo eQatar igqamise, hhayi nje ukuqhubeka kokuphupha kweBafana Bafana nokuhluleka kwePremier Soccer League ukukhiqiza nokuheha abadlali beqophelo lomhlaba kodwa ngokunjalo nokwebhola lase-Afrika eseNingizimu eliholwa yiCouncil Of Southern African Football Associations (iCosafa).
Emlandweni walo mqhudelwano, yiNingizimu Afrika kuphela esaphumelele ukumela iCosafa, amalungu ayo okungamazwe angu-14 akhele i-Afrika eseningizimu.
ICosafa isungulwe ngo-1983, ikomkhulu layo labekwa eBostwana kodwa ngo-2008 kuvulwe elinye eliseGoli.
Amazwe angaphansi kwayo yi-Angola, Botswana, Comoros, Lesotho, Madagascar, Malawi, Mauritius, Mozambique, Namibia, Seychelles, South Africa, Swaztini Zambia neZimbabwe.
YiNingizimu Afrika kuphela esabe yisibani salesi sifunda kwiNdebe yoMhlaba ngokungena kweyango-1998 ebiseFrance, eyango-2002 ebiseKorea naseJapan kanjalo neka-2010 ebisingethwe kuleli.
INdebe yoMhlaba eseQatar ifike nelinye ihlazo kwiCosafa namaligi asemazweni angaphansi kwayo.
*Emazweni angu-14, kuphinde kwangabakhona nelilodwa elibalwa namele iConfederation of African Football eQatar kwazise kubalwa awasenhla, okuyiCameroon, Morocco neTunisia nawasentshonalanga - iSenegal neGhana.
Ngaphezu kwalokho: Akukho neyodwa iligi yasemazweni angaphansi kweCosafa engakhomba okungenani oyedwa umdlali osesikwatini ngisho sakuliphi igumbi lomhlaba, oseQatar.
Kuhlehle izihlathi neGhana isishaya ngesithende uRichard Ofori obeyisethenjwa sayo emidlalweni yokuhlunga.
Ezingxoxweni nabaholi bebhola kulesi sigceme abebehambele iWorld Football Summit ebiseThekwini (Novemba 16 no-17), kubekhona ukuzinuka amakhwapha nokuzijuba ukukhuthaza izingxoxo nezinye izinhlaka zebhola ukushintsha lokhu.
Kubaholi bebhola okuxoxwe nabo kubalwa umengameli wayo iCosafa, u-Artur de Almeida e Silva wase-Angola, uSusan Destombes ongusihlalo jikelele weCosafa, uLydia Monyepao oyiChief Operations Officer kwiSouth African Football Association (Safa).
UDe Almeida uthe sekuyisikhathi sokuthi iCosafa bayivulele nasemaqenjini ukuze ezoqonda ukubaluleka kokuqinisa izinhlaka ezikhiqiza abadlali, kungagcini ngezikwati zamazwe.
“Kufanele siqale manje sishintshe indlela esibona ngayo ukuthuthukiswa kwebhola lethu. Kumele sibuyele ezikoleni siphinde siqikelele ukuthi namaqembu adlala emaligini ethu abe nezinkulisa eziqondile ezizokhiqhiza abadlali,” kusho uDe Almeida.
“Sinalo ithalente e-Afrika kodwa inkinga enkulu wukuthi nalabo abahle baya kwamanye amazwe abayilekeleli ngalutho i-Afrika. Kuyimanje sinenqwaba yabadlali abemele amanye amazwe kodwa bebe bengabase-Afrika.”
Kusolwa amaqembu ngokushintshana ngabaqeqeshi ababodwa:
Okunye akhale ngakho uDe Almeida, ngukushoda kwabaqeqeshi nokufakazelwa wukuthi amaqembu asemaligini amazwe angaphansi kweCosafa, aphile ngokuzungeza abaqeqeshi ababodwa.
“ICosafa kumele manje ingagcini ngokusebenza nezinhlangano ezengamele ibhola kodwa imeme namaqembu abe ngaphansi kwayo. Kumele sandise isibalo sabaqeqeshi ukuze iphele nale nto yokuthi amaqembu ethu ebe elokhu eshintshana ngabaqeqeshi ababodwa. Kumele siqeqeshe abaqeqeshi, onondweba sipheke nabaphathi bebhola beqophelo lomhlaba.”
UDe Almeida uphinde wakhuthaza nokuqinisa kakhulu kwezebhola lezikole eqhakambisa umqhudelwano wokuqala walolu hlobo obuseMalawi ngo-Okthoba lapho iNingizimu Afrika ibimelwe khona yi-Edendale Technical High School neClapham Secondary eLilongwe, eMalawi.
Lo mqhudelwano obizwa ngeCAF African Schools Football Championship ngomunye weminyakazo emisha efike noPatrice Motsepe ongumengameli weCaf.
UDenis Digresa osehhovisi likaDe Almeida, uthe basezinhlelweni zokuthi umengameli nesigungu esiphezulu bahambele wonke amazwe angaphansi kweCosafa kuqaliswe izingxoxo eziqukethe lokhu okushiwo ngumengameli.
Isikhala ngokungakhuliswa kwabadlali nezigaba, odlale kwi-U/17 akabonwa kwi-U/20:
UDestombes uthe enye inkinga enkulu kodwa bona beyiCosafa abanqunywe izandla kuyo kuze kube kukhuluma iFifa neCaf kuyo, ngeyokupheka kuthululwa abadlali emiqhudelwaneni yeCosafa.
“Kuyishwa ukuthi siyisigceme (izone) akukho esingakwenza, kulele kubo ososeshini abaphethe ibhola emazweni ngokwehlukana ukushintsha umkhuba omubi wokungalandelelisi abadlali izigaba,” kusho uDestombes.
“Ufica abadlali abaneminyaka engu-16 kwiCosafa U/17 kodwa ngonyaka ozayo akubuyi ngisho oyedwa. Akugcini lapho, kulabo badlali ngeke usabona noyedwa kwiCosafa U/20.
“Uphinde futhi ungaboni noyedwa kwiCosafa yezikwati ezinkulu, uzibuze-ke ukuthi kanti kwenziwani. Nokho-ke, njengoba ngisho, asinawo amandla okuphoqa amaqembu ukuthi aqoke abadlali ngendlela ezozwana nathi.
“Buka ingakanani impumelelo ebholeni lamantombazane lapho kwenzeka khona ngendlela ekukhuliseni abadlali bahambisane nezigaba.”
UMonyepao ukhale esifanyo ngokuqokwa kwabadlali kodwa egcizelela ukuthi izingxoxo ezifana nalezi kufanele ziholwe ngabantu abafana noWalter Steenbok ongumqondisi wamaqhinga kwiSafa.
“Kuningi okungashayi khona ngokuqokwa kwabadlali kodwa angisiye umuntu ofanele ukukhuluma ngalolu daba. Sinawo umbiko ovela kwiFifa nokufanele sigxile ekunikeni wona izimpendulo nokungaba yizixazululo,” kusho uMonyepao.