KUBATSHAZWA ukuba nogazi olumangalisayo komdlali omusha weCape Town City, uFortune Makaringe, okuthiwa ufike kuleli qembu laseKapa kwaba sengathi ukhulele kulona.
Lokhu kuvele ezinkulumweni zabadlali abahlukene bamaCitizens nomqeqeshi wawo, u-Eric Tinkler, abebekhuluma nabezindaba ngamalungiselelo okubhekana ne-Orlando Pirates kowandulela owamanqamu weMTN 8.
Lo mdlalo amaCitizens azodlala kuwona nePirates ethole kuwona uMakaringe obe ngomunye wabadlali bokuqala ukudedelwa eZimnyama ekupheleni kwesizini edlule.
Umdlalo unamuhla ngo-7 ebusuku, eCape Town Stadium, eKapa.
Kuthiwa uMakaringe usephenduke isithandwa sabo bonke abadlali nethimba labaqeqeshi ngendlela afike wangena ngayo kalula kwisikompilo laleli qembu.
UMakaringe ubese ephenduke ifenisha kwiPirates kwazise ubengasabonwa nangokhalo esikimini sikaJose Riveiro, ikakhulukazi ngesizini edlule.
“Akukholakali ukuthi uMakaringe ubenezinkinga ngesizini edlule ngendlela awumuntu ovuleleke ngayo nangendlela asefike wasikhuthaza ngayo sakusihlohla ukuthi sihlanganise inqanawe yeqembu,” kusho uTinkler kwabezindaba.
Unozinti weCity, uDarren Keet, uthe yize ebemazela kude uMakaringe kodwa ubengazi ukuthi uwumuntu ofudumele ngale ndlela ayibonela eduze.
“Iqembu linabadlali abaningi abasha kodwa ngeke ukubone lokho ngenxa kaMakaringe. Ukuba nogazi kwakhe kusenza sonke simlalele. Wenza sihleke kodwa futhi ufana nomqeqeshi ngezikhathi ezinzima.
“Uyabonakala ukuthi usedlale emaqenjini athathwa njengamakhulu futhi ukuphimisa njalo ukuthi ukuphoxeka empilweni kufanele sikusebenzise njengesitebhisi sokufika lapho singakaze sicabange ukuthi singafika khona,” kusho uKeet.
“Engikuqaphela kuyena ukuba nomdlandla wokukhuluma nabadlali abancane ngokweminyaka. Uthe efika waba engena kulaba abathathwa njengasebenokhakhayi oluqinile kodwa akalenzi iphutha lokuziba abancane.
“Kufane nesibusiso nakimina ukufika kwakhe eqenjini,” kusho, uTshegofatso Nyama, ofike ngesikhathi esifanayo noMakaringe.
Abanye abadlali okuqiniswe ngabo amaCitizens ngaphandle kukaMakaringe noNyama, uHashim Domingo (Raja Casablanca), Carlinho (Petro de Luanda), Kamohelo Mokotjo (Sekhukhune United), Amadou Soukouna (Bangkok United), Kaydeen Francis (Chippa United), Elson Sithole (Magesi FC) noPrins Tjueza, waseNamibia osenesikhathi esayinile kodwa ubengakadlali.