ICHIPPA United ihlalele ethembeni lokuthi iMamelodi Sundowns izosigcina isethembiso ngomgadli wayo u-Etiosa Ighodaro ebikade imbolekile ngesizini ka-2022/2023.
IChilli Boys isinde ezembeni ngosuku lokugcina lwemidlalo yeDStv Premiership. Lokhu kuyichaza ngokucacile isizini yeChilli Boys eyenze okujwayelekile ishintsha abaqeqeshi. Nakuba izinto bezibhimba kuleli qembu likaSiviwe Mpengesi kodwa ubeyisibani sethemba u-Ighodaro ngokushaya amagoli abalulekile.
Lo mgadli waseNigeria, uqede isizini eshaye inethi amahlandla ayishumi emidlalweni yePremiership nelilodwa kwiNedbank Cup. Usale ngamabili kuphela kuPeter Shalulile weSundowns noKhanyisa Mayo weCape Town City abazohlukaniselana umklomelo wamagoli emuva kokushaya angu-12 emunye.
Isikhulu seChippa, uLukhanyo Mzinzi sithe babambe umoya ngo-Ighodaro ngoba iSundowns kungenzeka imfune ekhaya ngesizini ezayo.
"Inhloso yethu wukumgcina u-Ighodaro njengokwesivumelwano sethu neSundowns sokuthi sizobolekana iminyaka emibili. Kodwa siyazi ukuthi lokho kungashintsha. Konke kuzoncika kwamanye amaqembu azokhuluma neSundowns. Isinqumo seSundowns kungenzeka singavuni thina. Kodwa sinethemba lokuthi nayo iSundowns isamile esivumelwaneni sethu.
“Sijabule ngendlela asebenze ngayo kithina u-Ighodaro. Kwesinye isikhathi besibona sengathi udlala yedwa. Siyakholwa ukuthi ukuba onozinti abaningi abekho ezingeni ngabe ushaye amagoli angaphezulu kwalawa awashayile. Uma engaqhubeka kithina uzokhula kakhulu kunalokhu ngesizini ezayo. Ngeke ashone phansi," kusho uMzinzi.
U-Ighodaro ufike eMzansi ngo-2021 ezodlala kwiSundowns kodwa bambolekisa kwi-University of Pretoria ngesizini edlule. Ungomunye wabadlali beSundowns abangaphezu kuka-15 abasemaqenjini ahlukene ePremier Soccer League (PSL) okulindeleke ukuthi ithathe isinqumo ngabo.
Okungenzeka ukuthi kwenyusa uvalo kwiChippa wukuthi iSundowns ayijwayele ukubolekisa ngomdlali eqenjini amasizini elandelana. Uma iSundowns iqoka ukumbuyisa u-Ighodaro kufanele ichithe omunye wabadlali bangaphandle abayisihlanu abasemabhukwini ayo.
UMzinzi ukuqinisekisile ukuthi bathungatha umqeqeshi omusha kulandela ukuhlukana kwabo noLehlohonolo Seema obavikise izembe.
"USeema ubesayine inkontileka emfishane ebizophela ngemuva kwemidlalo yokuhlunga ebesikulungele ukuyoyidlala. Ngenhlanhla ke asisayanga kuyona. Sizothatha isikhathi sethu, ngeke sixhamazele ekuthungatheni umqeqeshi," kusho uMzinzi.
Kubaqeqeshi abake bahlala ebhentshini leChippa kule sizini kukhona, uDaine Klate noKurt Lentjies.