IKAIZER Chiefs ishintsha unyawo ngokwethula uhlelo lwamathikithi omndeni wonke nokuyinto ejwayeleke emidlalweni yombhoxo.
La mathikithi ahambisana nokuthi kube khona izindawo zokudlala zezingane eziba sezansi eduze kwenkundla.
Konke lokhu kuzoqala ngomdlalo weDStv Premiership wangoMgqibelo ntambama iChiefs ezosingatha kuwo iMamelodi Sundowns eFNB Stadium ngo-8 ebusuku.
“Lo nyaka siwuqala ngolunye unyawo, sethula eyokubuya kwamathikithi esizini yonke kodwa-ke kulokhu sifaka namathikithi omndeni,” kusho uVina Maphosa okhulumela iChiefs.
“Enkundleni yethu (iFNB Stadium) uma ungena ngesango lokuqala yilapho uphumela khona ezindaweni zokuhlala zezingane.”
Akukho okulindelwe kwiChiefs ngaphandle kokunqoba kulo mdlalo kwazise ibuya ekuhlulweni imidlalo emibili yeligi ilandelana.
KwiSundowns ibhekene nomshini ogaya kwasani oluphambi kwayo.
Kulindelwe lolu hlelo lwamathikithi lwenze umehluko ekuthelekeni kwabalandeli ngoMgqibelo kwazise nesimo sezulu sivumile.