Richards Bay FC 0-2 Mamelod Sundowns FC
IMAMELODI Sundowns iyiwezele kwiKaizer Chiefs nakwiSuperSport United ingcindezi yokufaka amabhuleki kompetha beDStv Premiership ababaleka namaphuzu kwilog njengenjwayelo.
ISundowns, enqobe umdlalo wayo weligi wesihlanu ilandelana ngaphansi kobuholi bukaRhulani Mokwena, ijaha isicoco seligi sesithupha zilandelana kule sizini.
Amagoli enqobe ngawo ngawo King Zwelithini Stadium ngoLwesihlanu, ashaywe nguCassius Mailula ngesiwombe sokuqala noHaashim Domingo ngesesibili.
@OfficialPSL #RBFCvMSFC @KingZwelithiniStadiu @UmlaziTownship @IsolezweNews @IOLsport pic.twitter.com/JHS13IQbcO
— Malibongwe Mdletshe (@Malbingo) January 6, 2023
La magoli angene ngaphansi kwezimo ezingefani kwazise elokuqala lishaywe sesiyophela isiwombe (ngomzuzu ka-39) selilikhulu nethemba lokuthi zingase ziye ekhefini zisagqolozelene.
Elesibili lona lishaywe maphakathi nesiwombe (ngomzuzu ka-66) nokunike isithombe sokuthi kusangenzeka line imvula yamagoli kwazise vele ibisathe ukunqamuka ngaseMlaza, lapho bekudlalelwa khona, neyezulu ebelilokhu liyidlive kusuka ngoLwesine eThekwini.
Kule midlalo eyisihlanu iSundowns esiyinqobe ilandelana, akusikho nje ukuthi ayikaze ingenelwe yigoli kodwa inqoba ngamabili kuyaphezulu kuyo yonke.
Okwehlisela ingcindezi kwiChiefs nakwiSuperSport, wukuthi akubuzwa ukuthi ngoLwesihlanu bebeseka iBay abaklele nayo emaqenjini amathathu angemuva kweSundowns esicongweni.
Ngokwenzeka kwezinto, iSundowns isazobhekana nabo bobabili kuyo le nyanga ephezulu.
Eqinisweni izoqala ngeChippa United ekhaya ngoLwesibili. Izobe isesekhaya futhi isingatha iSuperSport kowomkhaya baseTshwanbe ngoJanuwari 16.
IChiefs izobhekana nayo ekuhambeni ngoJanuwari 21.
IBay neSuperSport kungenwa emidlalweni yangempelasonto bebambene ngamaphuzu angu-27 ngemuva kweSundowns ngoLwesihlanu enyukele kwangu-35.
IChiefs, ngoMgqibelo egubha iminyaka engu-53 yasungulwa, inamaphuzu angu-24.
Umbuzo usamile kodwa ukuthi ‘ngubani ozonqanda iSundowns?’.
T: @malbingo