IMENENJA kaLesedi Kapinga, osanda kwehlukana neMamelodi Sundowns, ikholwa wukuthi lo mdlali usafanelwe wukudlalela iqembu elikhulu kwiDStv Premiership.
Emaqenjini okuvela ukuthi abefuna ukwazi ngesimo sikaKapinga kukhona iKaizer Chiefs, Orlando Pirates neStellenbosch.
UKapinga (28) wehlukane neSundowns ekuqaleni kwesonto emuva kokuthi ingawusebenzisanga umbandela wokuvuselela inkontileka yakhe ekupheleni kukaJuni.
“Uma eNingizimu Afrika singalitholi iqembu, sizophumela ngaphandle. Kodwa okwamanje sizogxila ekutheni athole iqembu ekhaya ngoba sikholwa wukuthi kuningi angakuqedile ebholeni laseMzansi," kusho uMudau.
UKapinga ushiya kwiSundowns nje, ngesikhathi kuvulwe iwindi lokusayinisa abadlali ngoJanuary, leli qembu linqabile ukumbolekisa.
Kusukela asayina kwiSundowns esuka kwiBlack Leopards ngo-2020, uKapinga uthwale kanzima ukuthola isikimu eChloorkop ngaphansi kwabaqeqeshi abahlukene.
Uwine iligi yeDStv Premiership kathathu nesicoco seNedbank Cup eChloorkop.
Imenenja kaKapinga, uMoses Mudau, ikuqinisekisile ukuthi isiqalile ukumfunela iqembu lo mdlali.
“ISundowns kade kufanele isebenzise umbandela wokuvuselela inkontileka yakhe ngeminyaka emibili ngaphambi kokuphela kukaJuni,“ kusho uMudau.
“Kodwa lokho akwenzekanga. Ayikho incwadi abasithumelele yona ecacisa ngezinhloso zabo ngoKapinga.
“Lokhu kusho ukuthi akaseyena umdlali weSundowns. Sesiqalile ukumfunela ikhaya elisha.
“Ngiyakholwa wukuthi usengadlala eqenjini elikhulu nakuba izinto zingahambanga kahle kwiSundowns. Akhona amaqembu abekade esithinta kodwa besingakhulumi nawo ngoba besingakaphumi kwiSundowns.”
Ngaphambi kokusayina kwiSundowns, uKapinga ubefunwa ngaMaZulu futhi izingxoxo sezivuthiwe.
Kwashintsha konke sekuqhamuke iSundowns netshe lemali.
Nakulokhu kubukeka kuzowina iqembu elizobeka okungcono etafuleni.
UKapinga kumanje usekhempini yeBafana Bafana ezodlala umqhudelwano weCosafa Cup eThekwini. IBafana izodlala umdlalo wokuqala neNamibia eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngo-6 ntambama.