ISASASA le-Kaizer Chiefs ngesitobha sase-Angola okuvela ukuthi sesiqede konke nayo lingase lilethe indumalo koyedwa wabadlali baleli qembu laseNaturena, abangewona umnsinsi wokuzimilela eNingizimu Afrika.
Imibiko esabalele kwabezindaba ikhomba ukuthi sekusele kancane ukuthi iChiefs imemezele njengomdlali omusha, u-Miguel Inacio, obedlalela i-Petro de Luanda.
Ukufika kuka-Inacio kuMakhosi kuzokhuphula isibalo sabangewona umnsinsi wokuzimilela kuleli babe isithupha.
Ngenxa yomthetho wePremier Soccer League (PSL) othi amaqembu kumele abe nabadlali bangaphandle abahlanu, Amakhosi azophoqeleka ukuthi adedele kumbe angamubhalisi (kwiPSL) umdlali oyedwa wawo phakathi kwabahlanu abavele basemabhukwini ayo.
Yize i-Chiefs isanda kwengeza, ngo-Gaston Sirino odabuka kwelase-Uruguay emabhukwini ayo kodwa akathinteki kuphawini wabangaphandle ngoba usebhaliswe njengowakuleli kwazise ubesehlale iminyaka kwiMamelodi Sundowns.
Lokhu kushiya uThatayaone Dithlokwe waseBotswana, Edmilson Dove waseMozambique, Edson Castillo waseVenezuela, Christian Saile waseDemocratic Republic of Congo (DRC) noFiarce Ntwari ongunozinti waseRwanda osanda kusayina esuka kwi-TS Galaxy.
UDove olandwe iChiefs esesikwatini seMozambique ebesikwiCosafa Cup ngoJuni wanikwa inkontileka entsha, ulimale kabi emsipheni ohlanganisa isithende nesihluzu.
Ngenxa yalokhu kulimala okwenzeke eTurkiye ngesikhathi iChiefs izicijela ukuqala kweBetway Premiership, uDove angase ahlale cishe isizini yonke ngaphandle kokuthinta ibhola.
Lokhu kungaba yithuba leChiefs lokungamubhalisi uDove kubadlali ezobasebenzisa kule sizini ukuze kuzovuleka isikhala sika-Inacio okubikwa ukuthi angamenyezelwa noma nini njengomdlali we-Chiefs omusha.
Ukufika kuka-Inacio kuzoluqinisa udonga lwasemuva lwe-Chiefs okuyindawo u-Dove abebuye asize kuyona uma kukhona abalimele kumbe abanamakhadi.
Nangasohlangothini lwesokunxele emuva lapho i-Chiefs ebike ichibiyele khona ngaye u-Dove iqinise ngo-Rushwin Dortley, obekwi-Cape Town Spurs noBongani Sam, naye owalimala ngesikhathi i-Chiefs ise-Turkiye.