NAKUBA izama ukungena emakethe iKaizer Chiefs kodwa uMuhsin "Mshini" Ertugral owake wayiqeqesha akaboni yenza okwanele ukusayinisa abadlali abazobuyisa izinsuku zenjabulo.
IChiefs ayizange ibanike ithemba ebelilindelekile abalandeli bayo ngesikhathi ishaywa iYoung Africans kwiToyota Cup kodwa liselikhulu ithemba kwabanye lokuthi izoba ngcono kule sizini.
Ishaya ngomqeqeshi omusha uNasreddine Nabi waseTunisia onqobe izicoco nayo iYanga. Uphinde waba nesikhathi esihle ne-Far Rabat yaseMorocco. Amakhosi asanda kusayinisa unozinti uFiacre Ntwari waseRwanda obevimba kwiTS Galaxy, isitobha uBongani Sam obekwi-Orlando Pirates, Rushwin Dortley obeyibamba kwiCape Town City, uGaston Sirino obekwiMamelodi Sundowns nesitobha, u-Inacio Miguel wasePortugal obegijima kwi-Atletico Petroleos de Luanda yase-Angola.
IChiefs yenza lezi zinguquko izama ukuguqula isomiso sezindebe esesidonse iminyaka eyisishiyagalolunye.
U-Ertugral owafika kuleli ngo-1999 ezojoyina iChiefs, utshele Isolezwe ukuthi akawangabazi nakancane amagalelo kaNabi. Uthe irekhodi lakhe liyatshengisa ukuthi uwumqeqeshi wezinga eliphezulu.
"Kube isibusiso kuNabi ukuthi iligi yalapho iphuze ukuqala. Lokho kuzomnika isikhashana sokuhlanganisa iqembu lakhe kahle. Angeke simahlulele ngemidlalo yobungani, ukushaywa kumqhudelwano weToyota Cup akumenzi isahluleki," kubeka u-Ertugral.
Nakuba lo mqeqeshi emvuma uNabi kodwa uzwakalise ukuphatheka kabi ngezinduku ezisathezwe iChiefs. Uthe ufisa kufike isikhathi sokuvalwa kwewindi lokusayiniswa kwabadlali seyitheze ngokwanele. Iwindi lokuhwebelana ngabadlali lizovalwa ngoSepthemba 2.
"Ngesingami bakhona abadlali abahle abasasayiniswe iChiefs. Nakuba kunjalo isadinga abadlali abazobuyisa izinsuku zenjabulo. Mina ngibona kusamele ukuthi ingene igamanxe emakethe.
“Kuzo zonke izindawo idinga abadlali abazoba ngabekhethelo. Iligi yaseNingizimu Afrika kayinamandla uma iqembu elifana neChiefs, Pirates neSundowns bengenamandla. Ibona abangumgogodla. IChiefs kayilona noma iliphi iqembu," kubeka u-Ertugral owaphinde wabuya ngo-2007 ukuzoyicija.
Leli qembu lizovula iBetway Premiership neMarumo Gallants ngoSepthemba 14, eFree State Stadium. Olandelayo ngowe-Stellenbosch, ngoSepthemba 22, ekhaya, eFNB Stadium.