MTHOKOZISI MNCUSENI
I-KAIZER Chiefs isikhohliwe ngokugxekwa kwayo wumqeqeshi weMamelodi Sundowns, uManqoba “TV” Mngqithi, oyisole ngokudlelana ne-Al Ahly yase-Egypt, iyamukela eNaturena.
Impendulo yeChiefs kwiSolezwe izolo emini, ikhombise ukuthi Amakhosi akazimisele ngokubambelela kulokhu kugxekwa kodwa abheke umdlalo wawo olandelayo weDStv Premiership neLamontville Golden Arrows ongoMgqibelo ngo-7.30 ebusuku, e-FNB Stadium, eGoli.
UMngqithi usihlabe esidlangalelini isenzo seChiefs asichaze njengokuncetheza nesikhombisa ukungazigqaji kwaMakhosi ngokuba awaseNingizimu Afrika.
Ngokwalo mqeqeshi, iChiefs yenze iphutha ngokutetemuka eNaturena ne-Ahly ebizobhekana nabo koka-Group A weCaf Champions League (osekungumlando ukuthi iDowns iwunqobe ngo-1-0 wegoli likaPeter Shalulile).
UMngqithi ukholelwa ekutheni iChiefs ikhombise izimpawu zokukhetha izitha esikhundleni sokweseka iqembu elimele iNingizimu Afrika, kulo mqhudelwano.
Kusukela uMngqithi ekhulume kanje, iChiefs ayizange izixake ngokuphendula.
Izolo emini, iChiefs ize yawuphendula umbuzo wokuthi kukhona yini efuna ukuziphendulela ngakho kulokhu kugxekwa wuMngqithi.
“Sesidlulile kulolo daba. Esibhekene nakho manje amalungiselelo omdlalo wethu olandelayo neGolden Arrows,” uphendule kanje uVina Maphosa wezokuxhumana kwiChiefs.
Amakhosi asendaweni yesithathu kwi-log, awaliphonsile ithawula ngesicoco seligi yize kubukeka sengathi iSundowns isikhale yemuka naso. AmaBrazilians awashiya ngamaphuzu awu-15 Amakhosi embangweni weligi.
Umqeqeshi weChiefs, uStuart Baxter, usanda kuveza ukuthi basawabhekile amaphuzu emidlalo yabo emibili abangazange bayidlale ngesikhathi behaqwe yi-Covid-19 ekhempini.
Lolo daba lusadingidwa wumahluleli ozimele kulandela ukuludlulisela phambili kweChiefs eyabe ingenelisekile ngesinqumo sePremier Soccer League (eyayichithe isicelo sokuhlehliswa kwemidlalo).
Ngaphezulu kwaleyo midlalo emibili elengayo ne-Arrows ekuhambeni neCape Town City ekhaya, iChiefs isazodlala neSundowns ngaphambi kokuphela kwesizini.