Stellenbosch (0) 0
Kaizer Chiefs (0) 2
IQHUBEKILE nokubuyisa ithemba iKaizer Chiefs ishaya iStellenbosch ngo 2-0 emdlalweni weDStv Premiership obungoLwesithathu ebusuku e-Athlone Stadium.
IChiefs inqobe ngamagoli kaPule Mmodi oshaye inguzunga yeshodi engaphandle kwebhokisi nelikaChristain Saile obesuka ebhentshini.
Iye kulo mdlalo ihambela phezulu ngenxa yokuthi kodlule beyishaye AmaZulu ngo 3-0.
Kowandulela owoSuthu beyiqunjwe phansi iTS Galaxy ngo 1-0.
Kuke kwaba nokukhulu ukukhuluma ngendlela eqale ngayo isizini ka-2023/24, ishaywa yi iThe Rockets neMamelodi Sundowns yaphinda yabambana neChippa United kowokuqala. Ukungatholi imiphumela egculisayo kuholele ekutheni umqeqeshi uMolefi Ntseki, azithole ejikijelwa abalandeli bedinwe wukunganqobi kweqembu.
Ngakolunye uhlangothi, iStellenbosch eqeqeshwa uSteve Barker, ukushaywa kwayo kulandela ebikuthole kwiSuperSport United.
Esiwombeni sokuqala, iStellenbosch izenzele phansi ngokuthi ingawasebenzisi amathuba ebiwakha njengoba isikhathi esiningi bekuyiyona ebifika kuzwakale ebhokini leChiefs yona ebekuba izikhawana ezigqagqene ukuthi ikwazi ukuhlanganisa amaphathi azoyibeka emapalini ezimbangi.
Kunesikhathi lapho uBrandon Peterson ongunozinti weChiefs eke wavimba amabhola anzima ikakhukukazi ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala.
Kwesesibili, womabili amaqembu abonakale evuka ebuthongweni. Ngesikhathi zithengana, kubonakele uMmodi eshaya igoli elibe inguzunga yeshodi eliqhulula engaphandle kwebhokisi. KwezikaSteve Barker, bekubhoke u-Andre de Jong obesho ukumqeda uPeterson. Umdlalo uya ngokuqhubeka, uSaile obesuka ebhentshini ushaye iChiefs igoli lesibili.
Emdlalweni olandelayo ngoMgqibelo, Amakhosi azodlala neMamelodi Sundowns emlenzeni wokuqala owandulela owamanqamu eMTN8, eFNB Stadium. ISundowns iya emlenzeni wokuqala ishaye iPolokwane City ngo 2-0. IChiefs igcina ukushaywa yiSundowns ishaywe ngo 2-1 koweDStv. NgeSonto, iStellenbosch izobhekana ne-Orlando Pirates komunye umdlalo womlenze wokuqala kweyandulela owamanqamu weWafa Wafa.