Kaizer Chiefs (2) 3
Cape Town Spurs (1) 2
IKAIZER Chiefs iwundlalele kahle umdlalo wabakhaya ne-Orlando Pirates ishaya iCape Town Spurs ngo-3-2 ngoLwesithathu, eFNB Stadium.
La maqembu adlale ngaphandle kwabalandeli ngenxa yesigwebo seChiefs esithole emasontweni edlule ngenxa yokungaziphathi kwahle kwabalandeli bayo.
Inkundla ivulwe wu-Edson Castillo ngaphambi kokuthi uRanga Chivaviro athole elokuqala selokhu efikile kuMakhosi.
La magoli angene ngenxa yomnyakazo omuhle kaKeagan Dolly, Nkosingiphile Ngcobo noYasuf Maart. Elesithathu lize noChristiano Saile ngoka-83.
Umdlalo ushintshe iSpurs isilitholile igoli elize noLuvuyo Phewa.
ULuke Baartman ushaye elesibili lezivakashi umdlalo usuzophela.
Ukunqoba kweChiefs obekungokokuqala kumqeqeshi obambile, uCavin Johnson, kungenzeka kubuyise ithemba kubalandeli bayo ngokuthi kukhona engase ikwenze kowabakhaya nePirates ongoMgqibelo eFNB Stadium. Kulo mdlalo ke kulindeleke izinkulungwane zabalandeli bawo womabili la maqembu abajwayele ukuphuma ngobuningi uma ehlangene.
Okunye okungase kushubise umdlalo wukuthi nazo eZimnyama zizofika zishisa ngemuva kokunqoba kwiSekhukhune United ngoLwesibili emuva kwesikhathi eside zidonsa kanzima kweyeligi.
Kuyinto eyaziwayo ukuthi umphumela walo mdlalo usho lukhulu kubalandeli bawo womabili amaqembu.
Uma lowo mqeqeshi okhona ngalesi sikhathi enqobile uphenduka isithandwa noma iqaqa uma ehluliwe.
Ngasohlangothini lweSpurs kusho ukuthi isanqobe kanye emidlalweni eyishumi. Amaphuzu amathathu agcwele ibiwathole kwiPirates emasontweni edlule.
Sekufanele iyowazama ngeSonto kwiRichards Bay FC abadonsa nayo kanzima. Umdlalo useKing Zwelithini Stadium ngo-3.30 ntambama.