Kaizer Chiefs (0) 2
Sekhukhune United (1) 1
I-KAIZER Chiefs ibuyise isithunzi sayo ivuka kade isilandela ngemuva ngesikhathi ithela phansi iSekhukhune United ngo 2-1 emdlalweni weDStv Premiership obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoLwesithathu ebusuku.
Igoli leSekhukhune lishaywe ngu-Elías Mokwana esiwombeni sokuqala, aweChiefs aqhamuka ku-Edson Castillo no-Edmilson Dove kwesesibili.
Inqoba nje, bese ihluleke kabili ukuqoqa amaphuzu agcwele kwiligi, idlala ngokulingana neRoyal AM, yashaywa iSuperSport United.
IChiefs ingene kuqala emdlalweni izicindezela ohlangothini lwazo lwenkumdla ezikaBrandon Truter. Leli qhinga licishe layisebenzela ngomzuzu wesine ngesikhathi iliguqula ibhola limthola ehamba yedwa ngakwesokudla ibhola u-Ashley du Preez kodwa ishodi lakhe lavinjwa.
Ngomzuzu ka-10, u-Edson Castillo ulidle onyaweni lukaLebo Mabotja maqede wangena ebhokisini, ibhola lakhe lakhishwa nguDaniel Cardoso selimeqile unozinti wakhe uBadra Sangare.
Ngemuva kwemizuzu engu-15, iSekhukhune ibisikwazi ukulidweba ibhola ize ifike ngasebhokisini leChiefs kodwa igcine ililahlile ingabuzanga kunozinti uBrandon Petersen.
Kugcine kuyilungele iBabina Noko ngomzuzu ka-45, uJamie Webber ekhuthuza uYusuf Maart, uMokwana walibeka phakathi eqhamuka ngakwesokunxele ngemuva kokuthola iphasi kuChibuike Ohizu.
EzasePhefeni zilekelwe ngunozinti weSekhukhune osuse ibhola lawela eduze lagcina lifinyelele kuDu Preez, oligobele uCastillo, walingqomfela phakathi.
Abalandeli beChiefs bathole ithuba lokubona umdlali wabo omusha uSibongiseni "Ox" Mthethwa ngomzuzu ka-64, engena endaweni kaCastillo.
Amakhosi azithole esehamba phambili ngo 2-1 uDove elibeka enethini ngekhanda.
IChiefs ibisingaphansi kwengcindezi emizuzwini yokugcina nokho yakwazi ukuphebeza umhlola ekhaya.