Sekhukhune United (1) 1
Kaizer Chiefs (0) 0
EHLILE amathuba eKaizer Chiefs okuqeda endaweni yesibili kwiDStv Premiership kulandela ukuguqiswa yiSekhukhune United ngo-1-0 ePeter Mokaba Stadium ePolokwane ngeSonto ntambama.
Igoli elenze umehluko liqhamuke kuSammy Seabi usanda kuqala umdlalo.
IChiefs ibibheke ukunweba irekhodi lokungahlulwa emidlalweni emihlanu yeligi kusukela ngoFebhuwari. Kowakamuva, ibidlale ngokulingana ngo-1-1 neMarumo Gallants.
IBahlabane Ba Ntwa ibihlose ukuphinde icoshe amaphuzu agcwele ngemuva kokunqoba iMaritzburg United ngo-1-0.
IChiefs isembangweni wendawo yesibili nomakhelwano bayo, i-Orlando Pirates, engazange ilenze iphutha kowayo umdlalo yanqoba iCape Town City ngo-2-1. Elinye iqembu elinethemba lendawo yesibili ehambisana nokudlala kwiCaf Champions League ngesizini ezayo yiSuperSport United. IChiefs isendaweni yesine ngamaphuzu awu-41, ihlukaniswe ngamahlanu neZimnyama.
Amakhosi ahlasele kuqala emdlalweni, uDillon Solomons ethola u-Ashley du Preez ngakwesokudla, okhombise ijubane engena ebhokisini kodwa ishodi lakhe ladlula eceleni kwepali.
Eqenjini lasekhaya uSeabi akalenzanga iphutha ngomzuzu olandelayo njengoba yena elivalele phakathi ezihambela yedwa ngemuva kokuthi isitobha seChiefs, uSiyabonga Ngezana, sihlulekile ukukhipha ibhola ebeligotshwe nguChibuike Ohizu.
Ezika-Arthur Zwane bezizama ukubuyela emdlalweni kodwa zihluleka ukuchushisa amaphasi azofika kubagadli phambili.
Ithuba elingcono ezilitholile kube yibhola ebeligotshwe nguKeagan Dolly kwesokudla ecishe yaconsela enethini kodwa unozinti, uBadra Sangare, wakwazi ukulichitha ibhola.
Esiwombeni sesibili kwenzeke okufanayo izivakashi zilithola ibhola kodwa zihluleka uma sekumele zingene ebhokisini.
Unozinti weChiefs, uBrandon Peterson, uhlenge iqembu lakhe ngomzuzu ka-53 evimba imbumbulu yeshodi ebelidonswe nguVusimuzi Mncube ngaphandle kwebhokisi.
UZwane wenze izinguquko ezimbili ngomzuzu ka-63, efaka uCaleb Bimenyimana noMduduzi Tshabalala ezikhaleni zikaDolly noCole Alexander obengagqamile esiswini.
ISekhukhune iphendule ngokwenza izinguquko ezintathu, ifaka u-Abednego Mosiatlhaga, Pogiso Mahlangu noTresor Yamba ezindaweni zikaVictor Letsoalo, Elías Mokwana noMncube.
EzasePhefeni bezizama ukugoba amabhola aqondiswe kuBimenyimana ebhokisini kodwa lo mgadli ahluleke ukuliqinisa ibhola ngekhanda, azicoshele kalula uSangare.
Ziphinde zazama ukukhahlela zikude sezibona ukuthi ilanga liyashona kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Elicishe lagaxela enethini kube yishodi elidedelwe nguSamkelo Zwane, laphuma ngaphezulu kancane kwepali.
Bekungokwesibili iSekhukhune ithatha amaphuzu amathathu kwiChiefs kule sizini njengoba yayinqoba ngo-1-0 emdlalweni owawuseFNB Stadium ngoJanuwari.
ISekhukhune igxume yayohlala endaweni yesithupha ngamaphuzu angu-35 emidlalweni elinganayo.
EzikaZwane zisalelwe yimidlalo emine yeligi neChippa United, Swallows, SuperSport United neCape Town City. Iqembu likaBrandon Truter lisazodudulana naMaZulu, TS Galaxy, Orlando Pirates neSuperSport.