Kaizer Chiefs (1) 1
Richards Bay (0) 0
IQHUBEKILE nokuqoqa amaphuzu iKaizer Chiefs ngesikhathi iguqisa iRichards Bay FC emdlalweni weDStv Premiership eFNB Stadium, eGoli, ngoMgqibelo ntambama.
Igoli eliweze ezasePhefeni kulo mdlalo lishaywe nguNkosingiphile Ngcobo ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala.
Amakhosi angene kulo mdlalo nenhloso yokunqoba imidlalo emithathu yeligi ilandelana, nokuyinto abengakaze ayenze selokhu kuqale le sizini.
IBay ibibheke ukuvuka kulandela ukuguqiswa yiStellenbosch FC neRoyal Am emidlalweni emibili yakamuva.
Amakhosi abeliphethe ibhola ngasekuqaleni komdlalo kodwa kungekho minyakazo eyingozi eyihlanganisayo njengoba abehlukela ukudlula uma esefike ngasebhokisini.
Kucishe kwaba yiNatal Rich Boyz evula inkundla ngeshodi likaSanele Barns alidedele engaphandle kancane kwebhokisi ngomzuzu ka-23’, kwadingeka ukuthi uBruce Bvuma atshuzele ngakwesokudla ukuze aliphebeze.
Abalandeli beChiefs bame ngezinyawo ngomzuzu ka-41 ngesikhathi uChristian Saile edlubulundela ngakwesokudla ngaphambi kokushaya umgundatshani odlule kancane eduze kwepalini.
Nokho, bagcine bejabulele into ekhona ngomzuzu olandelayo. UNgcobo uthole ibhola esanda kudlula enkabeni yenkundla, waliqhuba wasondela ngasepalini, ngaphambi kokudonsa intambo ayizwe ngendaba unozinti weBay, uSalim Magoola.
Bekuyigoli lakhe lokuqala eminyakeni emibili njengoba ayegcine ukubhakuzisa inethi ngesikhathi bedla iMaritzburg United ngo 2-0 ngoDisemba ka-2021.
Esiwombeni sesibili iBay izamile ukuthola igoli lokulinganisa kodwa kwanhlanga zimuka nomoya, iChiefs yemuka nawo wonke amaphuzu.
EzikaCavin Johnson zigxume zayohlala endaweni yesithupha ngamaphuzu angu-23 emidlalweni engu-15. Umdlalo wokugcina wonyaka zizowudlala neSekhukhune United ekuhambeni ngoDisemba 30.
IBay isasendaweni ebucayi njengoba ihleli kweka-15 ngamaphuzu angu-10 emidlalweni engu-15. EzikaKaitano Tembo zizodudulana neqembu lakhe lakudala, iSuperSport United, ngoDisemba 30.
Kweminye imidlalo yeDStv Premiership, iPolokwane City iguqise iChippa United ngo 2-1 eNelson Mandela Bay Stadium, iLamontville Golden Arrows yaguqiswa yiTS Galaxy ngo 2-0. Umdlalo obuphakathi kweRoyal AM neMoroka Swallows waphela zibambene ngo 0-0.