UKUZIPHATHISA okojosaka kwakamuva kweqeqeba elithile labalandeli beKaizer Chiefs kubhekwe ukuthi kuvusele leli qembu izigwebo ebezivele zilenga okungase kulandelwe ukuthi libukwe izihlalo emdlalweni olandelayo uma kuzoya ngokusanda kushiwo umshushisi wePremier Soccer League (PSL), uZola Majavu.
NgoMgqibelo, iChiefs ithe ingakhahlelelwa AmaZulu FC ngaphandle kweCarling Black Label Knocout ngo 1-0 wegoli, likaTaariq Fielies, e-FNB Stadium, ingxenye yabalandeli bayo bajikijela ngezigubhu zamanzi, uMolefi Ntseki, okungumqeqeshi waMakhosi.
Ngenxa yalo mphumela, uNtseki uphume eseqashwe abakwasidlodlo ngenhloso yokumvikela kubalandeli beChiefs abebewotha ubomvu kulandela ukukhishwa kwabo emqhudelwaneni abebezama ngawo ukuqeda indlala yezicoco esineminyaka eyisishiyagalombili.
Bese kuyihlandla lesithathu abalandeli abathile beChiefs beqhatha leli qembu nolaka lwePSL ngokujikijela izigubhu.
Emasontweni edlule, uMajavu uyixwayisile emasontweni ambalwa adlule ngokudlala ngaphandle kwabalandeli uma beqhubeka nokuhluleka wukuziphatha kahle.
Ngokusho kukaMajavu esigwebeni seChiefs asikhipha ekuqaleni kuka-Okthoba, wathi leli qembu lingase libukwe yizihlalo uma lo mkhuba uqhubeka.
IChiefs isibizelwe kabili ekomitini eliqondisa ubugwegwe kule sizini ngecala elifanayo.
Amakhosi aqale agwetshwa uR100 000 kodwa kwathiwa awakhokhe uR70 000, kwalenga uR30 000 kuze kuphele izinyanga ezungu-24 engatholwa necala elifanayo.
Ngecala elilandele lapho, iChiefs ihlawuliswe isamba sikaR200 000. Kuleyo mali kwalengiswa uR50 000 izinyanga eziyisithupha ingatholakali necala elifanayo,” usho kanje uMajavu
“Lokhu kusho ukuthi imali okumele iChiefs iyikhokhe ngokushesha uR180 000 kanye nezindleko zokuhlala kwecala,” kusho uMajavu ethimbeni lezindaba lePSL emasontweni adlule.
“Uma iChiefs itholwa inecala elifanayo ezinyangeni eziyisithupha ezizayo, kuzovalelwa ngaphndle abalandeli emdlalweni wayo olandelayo.
“Ngebhadi lokhu kuzothinta nabalandeli abangenacala ngoba womabili amaqembu ayodlala ngaphandle kwabalandeli,” kusho uMajavu ngaleso sikhathi.
Umdlalo weChiefs olandelayo iwudlala ekuhambeni neLamontville Golden Arrows ngoMgqibelo, eMpumalanga Stadium, eThekwini.
Olandelayo ezobe ingosokhaya kuwo ungoNovemba 8, lapho izokwamukela iCape Town Spurs ngoNovemba 8, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.