Orlando Pirates (1) 3
Supersport United (0) 1
I-Orlando Pirates izibekisele indawo emidlalweni eyandulela owamanqamu eMTN8 iguqisa iSuperport United emdlalweni wama-quarterfinal e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoMgqibelo ebusuku.
Yize iSupersport kuyiyona ethole amathuba ambalwa okufika emapalini ePirates emizuzwini yokuqala komdlalo kodwa ngokuqhubeka kwesikhathi iPirates yiyona ebisikhombisa ukuba ngaphezulu ngomdlalo yathola amathuba amaningana okuthola amagoli.
Ukucindezela kwePirates kugcine kuthele izithelo sekusele umzuzu ziye ekhefini ngegoli lika-Olisa Ndah alishaye ngesithende ngemuva kwebhola eligotshwe uMonnapule Saleng kwesokudla. Leli goli likaNdah lenze zaya ekhefini iPirates ihamba phambili ngo 1-0.
Ngesiwombe sesibili iSupersport ivukile emaqandeni, yakhombisa ukuba yiqembu elizimisele ngokuthola igoli lokulinganisa. Akungamangazanga ngenkathi uVincent Pule engqomfela phakathi igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-49, eqedela ibhola ebelibuyiswe nguBradley Grobler ngekhanda.
Unozinti weSupersport uRicardo Goss utakule iSupersport sekuvalwe amehlo evimba ibhola ebelishaywe wuRelebohile Mofokeng ngomzuzu ka-62 esejike amadoda eqhamuka ngasophondweni lwesokudla.
Empeleni uGoss uyitakule amahlandla amaningi iSupersport kulo mdlalo, evimba amabhola amaningi ayingozi abethunyelwa yiPirates ifuna igoli lokunqoba kulo mdlalo ogcine uya esikhathini esengeziwe.
USaleng obezithwalise kanzima izitobha zeSupersport, edlula njengommese oshisayo usika ibhotela uma eqhamuka ngasohlangothini lwesokudla, ugcine ewutholile umvuzo wakhe zokuzikhandla eshayela iBucs igoli lesibili. Uqedela ibhola ebeliphaswe nguKabelo Dlamini lisuka kuPatrick Maswanganyi kade kuyi-free kick kusanda kuqala isikhathi esengeziwe.
U-Evidence Makgopa, obesuka ebhentshini, ushaye elakhe igoli ngomzuzu ka-108 elenza kwaba ngu 3-1. Uqedele ibhola ebelivinjwe wuGoss egeza uSaleng obesephume qekelele ephula umgogo we-off side.
Ukwedlulela kweZimnyama kweyandulela owamanqamu kuyibeka ethubeni lokuphinda ivikele isicoco sayo seMTN8 esisinqobe amasizini amabili elandelana.