I-ORLANDO Pirates idlulele emzuliswaneni weLast 16 ngokushaya i-All Stars ngo 2-0 emdlalweni weNedbank Cup Last 32 obudlalelwa eBidvest Stadium, eGoli, ngoMgqibelo ebusuku.
Ngesiwombe sokuqala womabili la maqembu awatholile amathuba ambalwa okubhakuzisa inethi, ikakhulukazi iPirates, kodwa ehluleka ukuwasebenzisa zagcina ziye ekhefini zibambene ngo 0-0.
Ukulimala kukaGoodman Mosele, kuphoqe ukuthi iPirates isheshe yenze ushintsho ngomzuzu wesikhombisa umdlalo uqalile, yafaka uNdabayithethwa Ndlondlo endaweni yakhe. Nebala uNdlondlo ungene nomkhulu umnyakazo esiswini saleli qembu. Ngesiwombe sesibili iPirates ibuye isithelwe ngezibonkolo njengoba ihlasele zibuya nje ekhefini, ifika ifikile kuvalwe amehlo emapalini e-All Stars.
Unozinti we-All Stars, u-Ayanda Mtshali uvimbe amabhola amabili amabi, ngomzuzu ka-55 okube yimbumbulu yeshodi ebidedelwe wuNdlondlo ngaphandle kwebhokisi, waliphebeza lathola uPaseka Mako naye wadudula waphinde waliphebeza kwaba yi-corner kick.
Nokho ukuqhubeka nokucindezela kwePirates kugcine kuthele izithelo ngenkathi uMonapule Saleng obewuhlupho nodlale kahle kakhulu kulo mdlalo, egcine elitholile igoli ngomzuzu ka-62.
Iphinde yaqhubeka futhi iPirates nokucindezela, uThembinkosi Lorch ongene ngesiwombe sesibili endaweni kaKabelo Dlamini nongene nomkhulu umnyakazo wavalela phakathi elesibili ngomzuzu ka-71.
UMakhehleni Makhaula uthole ithuba lokudlala okokuqala kulo mdlalo edlubhe ijezi leZimnyama, engena usuyophela umdlalo endaweni kaMiguel Timm ngomzuzu ka-84.
Kanti umdlalo umdlalo uphele ibhentshi lePirates lingasaphelele kulandela ukukhishwa ngekhadi elibomvu komqeqeshi waleli qembu, uJose Riveiro ngomzuzu.
Nakuba kungacacanga kahle ukuthi uRiveiro ukhishelweni ngekhadi elibomvu kodwa kubukeke sengathi ubephikisana nesinqumo sikanompempe, ngemuva kokuba uThapelo Xoki, edlalise kabi uKeletso Makgalwa, ngaphandle kwebhokisi.
Ukwedlulela kweZimnyama kwiLast 16 yeNedbank kusho ukulandela izimbangi zayo iKaizer Chiefs neMamelodi Sundonws nazo esezizibekisele indawo emzuliswaneni olandelayo.
ISundowns ishaye iRichards Bay FC ngo 3-2, kwathi iChiefs yashaya iMaritzburg United ngo 2-0 ngoLwesihlanu.
Ngakolunye uhlangothi ukuphuma ekuseni kwe-All Stars edlala kwiMotsepe Foundation Championship kubukeka kuzoyinika isikhathi sokugxila ngokuphelele ekulweleni isicoco seligi yalesi sigaba njengoba iphakathi kwamaqembu amahlanu aphezulu kwi-log.
Imiphumela yeNedbank Cup:
CT Spurs 3-0 Baroka; Maritzburg Utd 0-2 Chiefs; Stellenbosh 3-0 Swallows; Black Cross 1-2 Venda FC; Arrows 2-1 Pretoria Callies; Mpheni Defenders 3-0 Clarewood; All Stars 0-2 Pirates