IBINGELELWE ngembudlu yamagoli iDiski Pros Academy esigabeni seSasol League nalapho eguqiswe ngo 7-0 yiNewcastle Chess Ladies FC ngempelasonto edlule.
Leli qembu lingomakoti kuSasol League njengoba likhushulelwe kulesi sigaba ekupheleni kwesizini edlule.
Oyimenenja yaleli qembu, uLindokuhle Nxadi, uthe njengeqembu bazamile kwazise bebedlala neqembu elimnkantshubomvu.
“Izingane zizamile ukuncenga nezingqwele futhi zizamile ukuvikela ikhanda, kwasho khona ukuthi iqembu ebesidlala nalo belingaphezulu kwethu. Umdlalo wethu nabo (Newcastle Chess Ladies) ngingasho ukuthi besizocosha isipiliyoni okungezinye zezinto ebesizifuna.
“Ukudliwa kanje kuyasivusa njengeqembu ngoba kwesinye isikhathi ukukhushulelwa kulesi sigaba, abanye bazitshela ukuthi sebeqedile kanti basazohlangana nezinkunzi zakhona. Ukudliwa kabuhlungu kanje nabo kubavusile ngoba kubatshela ukuthi babhukule ukuze bekwazi ukubhekana namanye amaqembu ngoba kuzoba isizini enzima kakhulu kithi,” kusho uNxadi.
Ulandise wathi kuningi abakufundile kuwo lomdlalo nabazokusebenzisa emidlalweni abasazoyidlala.
“Sifunde ukuthi ukuhleleka kubalulekile njengoba sibonile kubo ukuthi bayiqembu elinjalo ngaphakathi nangaphandle uma bezodlala. Bayakubonisa ukuthi bayiqembu elidala futhi bayabonakala ukuthi bakugaqele ukukhuphukela kwesinye isigaba. Bayawuhlonipha umdlalo kanye neqembu abasuke bezodlala nalo, okuyinto nathi esiyikhuthazayo eqenjini lethu,” usho kanje.
Uqhube wathi kunabadlali abangakwazanga ukubasebenzisa ngenxa yokuthi amaphepha abo okudlala awakakalungi.
“Zisakhona izingqinamba eziningi esinazo njengoba abanye babadlali bethu basadinga izincwadi ezibakhululayo ukuthi bedlalele iqembu lethu nesingakwazanga ukubasebenzisa. Ngiyathemba emdlalweni wethu olandelayo sizohamba neskwati esikahle futhi esikulungele ukubhekana nomdlalo ngoba nalo leli qembu esizobhekana nalo liyiqembu elihlelekile.”
Emdlalweni wangempelasonto bazodlala ne-PSG Amabhaca Ladies.
Elinye lamaqembu angomakoti kuyona iKZN Sasol, i-Romans Stars Ladies FC ivulele isibhaxu sika 5-1 kuMshwathi Future Stars Ladies nayo ezifikelayo kulesi sigaba.
Imiphumela yangempelasonto yeKZN Sasol League:
Newcastle Ladies fc 7-0 Diski Pros Academy; Sunflower WFC 1-1 DUT Midlands WFC; UKZN Ladies 0-2 DUT Coastal; Umlazi Arsenal Ladies FC 0-2 Dlala Ntombazane FC (Bagingqelwe); UniZulu WFC 3-1Darnall Ladies FC; Shooting Stars Ladies 0-6 Ezemvelo; Sapphire Ladie 3-0 Makhanisi Ladies; Romans Stars Ladies fc 5-1 Mshwathi Future Stars Ladies.