Richards Bay FC (0) 0
Orlando Pirates (0) 0
IRICHARDS Bay FC iphinde yakhombisa izimpawu zokuba ngcono ibambana ngo ngo 0–0 ne-Orlando Pirates emdallweni weDStv Premiership eKing Zwelithini Stadium, eMlazi, ngoMgqibelo ntambama.
Lo mdlalo bewufaniswa nowempindamshaye kwazise iRichards Bay yiyona ewashise iPirates ijezi kuma-quarterfinal eCarling Black Label Knockout emasontweni amabili edlule.
Yize ngesiwombe sokuqala iPirates kuyiyona ekhombise ukuba phezulu ngomdlalo kuneRichards Bay kodwa iqembu lasekhaya yilona elithole amathuba amaningana kunePirates. Unozinti wePirates, uMelusi Buthelezi, uzithole evimba amabhola ambalwa anzima.
Kulawo mabhola kubalwa amabili kaYamela Mbuthuma ngomzuzu wesibili nowesithathu nelikaThulani Gumede Gumede alidudule engaphandle kwebhokisi kodwa wala ukhasha uButhelezi ngomzuzu ka-31.
Ngaphambi kokuba ziye ekhefini iPirates icishe yathola igoli ngenkathi uRomario Dlamini esusa umhlola ekhaya echiliza ibhola lika-Evidence Makgopa obesefikile.
Ngesiwombe sesibili iPirates iqhubekile nokucindezela, nokuthe ngomzuzu ka-63 umqeqeshi waleli qembu, uJose Riveiro wenza izinguquko efaka uMonnapule Saleng noKabelo Dlamini.
Nebala iPirates ukungena kukaSaleng noDlamini kwenze umehluko njengoba leli qembu beselihlasela ngamandla, kwaze kwatholakala i-free kick ngomzuzu ka-69, eshaywe uXoki ededela inguzunga yeshodi ngaphandle kwebhokisi kodwai uJackson Mabokgwane wazidela amathambo wayopheza kwaba ikhona.
Kuyona leyo khona licishe labhajwa enethini, kwalamula umdlali wasemuva weRichards Bay, uBoikanye Komane esusa umhlola ekhaya sekuvalwe amehlo.
EZimyama ziqhubekile nokucindezela kwaze kwaba ngumzuzu wokugcina, zala ukhasha izitobha zeNatal Rich Boyz ebeziwadilizile amabhuloho okwedlula kulo mdlalo, ikakhulukazi unozinti uMabokgwane owenze ezibukwayo evimba amabhola anzima ngemizuzu yokugcina.
Lo mphumela wehlisele iBucs endaweni yesishayagalombili kwi-log, kanti ngakolunye uhlangothi kawenzanga mehluko kwiRich Bpys esahlezi endaweni ka-15 kwi-log, nakuba isikhombisa ukuba yiqembu elidlala kangcono muva nje.