IMIDLALO emibili yobungani neSenegal izonika iqembu lakuleli lesizwe lebhola labesifazane ithuba elihle lokuhlola abadlali abasha ngokusho komunye wabadlali abanamava, uBambanani Mbane.
UMbane, ochithe izinyanga engadlali kwiBanyana Banyana kulandela ukulimala eNdebeni yoMhlaba nyakenye, ubuye ngo-Ephreli ngesikhathi bebhekene neNigeria kweyokuhlungela ama-Olympics.
Ungomunye wabadlali asebemnkantshubomvu okulindeleke ukuthi bacathulise laba abasha uma sebegadulisana neSenegal kabili ekuhambeni.
Umdlalo wokuqala uzodlalelwa eStade Lat Dior, eThiès, kusasa ngo-7 ebusuku. Owesibili uzodlalelwa enkundleni efanayo ngoLwesibili ngo-7 ebusuku.
"Kubaluleke kakhulu ukuthi kunikwe abanye abadlali ithuba eqenjini. Ziningi izimo ezingase zivele njengokulimala kwabadlali. Uma kufakwa abanye sizoba nenqwaba yabadlali abakulungele ukudlala emidlalweni nasemiqhudelwaneni emikhulu,” kusho uMbane.
“Ukuhlanganisa abadlali abadala nabancane kuyinto enhle ngoba lokho kwenza iqembu liqine ngezindlela ezehlukene. Umsebenzi wethu wukubeseka, sibanike ithuba lokuzibonela ukuthi kunjani ukudlala kuleli zinga.
“Nathi sake saba ngabadlali abasha, safica abanye abasisiza, sakwazi ukukhululeka nokukhombisa esingakwenza ukuze iqembu lithuthuke.”
Abadlali abafana no-Andile Dlamini, Noko Matlou, Thembi Kgatlana, Refiloe Jane, Jermaine Seoposenwe, Hildah Magaia, Bongeka Gamede, Nomvula Kgoale nabanye abadlale emiqhudelwaneni emikhulu eminyakeni edlule ababizwanga ngenxa yezizathu ezahlukene.
Umqeqeshi uDesiree Ellis ulethe abasha kanye nabadlali asebeke babizwa emakhempini eBanyana phambilini njengoLesego Nkoane, Shannon Macoma, Ayesha Moosa, Thubelihle Shamase, Asanda Hadebe nabanye.
Bazohlangana nabanye abangomakadebona njengaye uMbane, Kholosa Biyana, Linda Motlhalo, Kaylin Swart, Karabo Dhlamini, Lebogang Ramalepe nabanye.
Le midlalo yobungani neSenegal iyingxenye yamalungiselelo eWomen’s Africa Cup of Nations (Wafcon) okulindeleke ukuthi idlalelwe eMorocco nonyaka, nakuba zingakaqinisekiswa izinsuku. IBanyana izobe ibheke ukuvikela le ndebe eyayinqoba ezweni elifanayo ngo-2022.
"Ngicabanga ukuthi le midlalo yobungani ibaluleke kakhulu, sidlala neqembu elikwazile ukuzibekisela indawo kwiWafcon. Bayiqembu elinamandla futhi lokho kuzosisiza sibone ukuthi kumele siqinise kuphi, ikakhulukazi kuleli qoqo labadlali esinalo,” kusho u-Ellis.
IBanyana iqale ikhempu ngeSonto eledlule yabe isibhekisa amabombo eSenegal ngoLwesithathu ebusuku ngenxa yokuthi abadlali nabaqeqeshi bekumele bathole ithuba lokuvota. Abanye abadlali abazinze phesheya bahlangane neqembu endleleni ebheke eSenegal.
Iqembu lakuleli likleliswe endaweni ka-51 emhlabeni kanti elaseSenegal lisendaweni ka-83.