Liberia (1) 1
Bafana Bafana (1) 2
IBAFANA Bafana ilungise amaphutha yazibekisela indawo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) yangonyaka ozayo ngokunqoba kwiLiberia ngo 2-1 ekuhambeni kokaGroup K weyokuhlungela le midlalo ezodlalelwa kwelase-Ivory Coast.
Amagoli aweze iBafana ashaywe wuZakhele Lepasa noMihlali Mayambela kwathi elokubika ekhaya leLiberia lashaywa uWillia Jebor, kulo mdlalo okuyiwe kuwona kuminciwe ngoLwesibili, eSamule Kenyon Doe Sports Complex, eMonrovia.
Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, wenze izinguquko eqenjini eliqale umdlalo wangesonto eledlule, eliyeke amathuba okushaya inqwaba yamagoli, umdlalo wagcina uphele zibambene ngo 2-2, obekubeka elakuleli engcupheni njengoba bese liya ekuhambeni.
ULyle Forster oshaye amagoli amabili eSoweto, uwuqale ngaphandle lo mdlalo indawo yakhe yathathwa uLepasa kanti ekaThemba Zwane, ibidlalwa uPercy Tau.
Imizuzu yokuqala engu-15 ize yaphela kungekho minyakazo ebonakalayo nhlangothi zombili kodwa obekusobala wukuthi womabili la maqembu awayijwayele inkundla enotshani bokufakelwa.
Yize bekunjalo womabili amazwe angene enkundleni ekuqonda ukuthi ukunqoba kuzowafaka e-Ivory Coast.
Ngoka-19, uLepasa ubeke iBafana ebuhleni ngegoli elihle alisebenzele kulandela iphasi ende ebisuka emuva kuThapelo Morena, walivala ngesifuba ngaphambi kokuliphisela enethini.
Umdlalo uphinde waba sengathi uyehla emuva kwaleli goli kwaze kwaba wumzuzu ka-35 lapho ukaputeni weLiberia, uJebor, eyibuyisele emdlalweni ngegoli lokulinganisa, kwahlanya ibhentshi nezihlwele ebezigcwele enkundleni.
Ukaputeni weBafana, uRonwen Williams, kufanele azinuke amakhwapha ngokungena kwaleli goli njengoba liphunyuke esandleni sakhe lase lingena enethini.
Ngasemaphethelweni esiwombe sokuqala, uVincent Tseka, oyimenenja yeBafana ukhishwe ngekhadi elibomvu kubangwa izinqumo zonondweba baseGhana. Ubonakale engathi ukhipha amagama ayiziswana ewabhekise konompempe, edlubulundela, engabambeki.
Nakuba uTau ibingamvumi le ndawo abeyidlala ubuyile esiwombeni sesibili.
UMayambela ubuyisele iBafana ebuhleni ngegoli ngomzuzu ka-53 eqedela umnyakazo omuhle kaTau obese eqhamuka ngasophondweni lapho ejwayele ngakhona.
Uthintekile edolweni uMayambela emuva kokushaya igoli indawo yakhe yagcina ithathwa wuBongokuhle Hlongwane, olandelwe wuCassius Mailula, ongenele uTau.
Kulimale uSiphephelo Sithole obedlala kahle esiswini umdlalo usuyela emizuzwini yokugcina eyishumi kwangena uGrant Kekana obese kusho ukuthi uMothobi Mvala usedlala esiswini.
Imizuzu yokugcina bese kuminciwe kwiBafana kwazise iLiberia ibisingena ngamandla kodwa ezikaBroos zabambelela kwaze kwalunga.
Lokhu kusho ukuthi kuleli qoqo, iBafana neMorocco abaya kwi-Afcon. IMorocco izihola phambili ngamaphuzu ayisithupha. Elakuleli linamane. I-Liberia inephuzu elilodwa. IBafana izodlala owokugcina wokuhlunga neMorocco lapha ekhaya ngoJuni.