PHEZU kwezethembiso ezenziwe ngumqeqeshi uHugo Broos ngesikhathi eqashwa eqenjini lesizwe, asikabuyi isithunzi seBafana Bafana ebholeni lomhlaba.
U-2022 bekulindeleke ukuthi usetshenziselwe ukubumba iqembu elizothenjwa ngabantu baseMzansi kwazise iBafana iyehluleka ukuzibekisela indawo emqhudelwaneni emikhulu. Emuva kokuhluleka ukuthola indawo kwi-Africa Cup of Nations behlulwa yiGhana ngo-2021, uBroos uzwakalise ukwaneliseka ngabadlali bakhe. Lokhu kutolikwe njengokuthi uselitholile iqembu azoqhubeka ngalo. Nokho uphinde walishintsha ngokuhamba kwesikhathi.
IBafana ithelwa ngehlazo yiFrance:
Emuva kwesikhathi uBroos ecela imidlalo yobungani kubaqashi bakhe iSouth African Football Association (Safa), ugcine enikwe iqembu lesizwe laseFrance emdlalweni odlalwe ekuhambeni ngoMashi. Ngaphambi kwalo mdlalo, iBafana idlale neGuinea emdlalweni ophele zibambene ngo-0-0. Lo mphumela unikeze abalandeli ithemba lokuthi iBafana izokwenza kangcono koweFrance.
Nokho kushabalele konke lokhu iqembu lakuleli lixetshulwe ngo-5-0. UBroos kuze kwaphela u-2022 ezama ukuchaza ukuthi bekubaluleke ngani ukuthi iBafana idlale nompetha bomhlaba bango-2018, ekubeni iqembu lingakaqini. Ubezeseka ngokuthi iBafana idinga ukudlala namazwe aqinile ukuze izokhula. Okudine abantu ngaphandle komphumela womdlalo wukubona abadlali beBafana bezihlekela beshutha izithombe nezihlabani zaseFrance.
Eyokuhlungela i-Afcon:
Impikiswano ngomdlalo neFrance iqhubeke kwaze kwafika isikhathi sokuthi iBafana idlale eyokuhlungela i-Afcon neMorocco ngoJuni. IBafana ikhale ngaphansi ngo-2-1. Lokhu kukubeke ngokusobala ukungakulungeli ukungena emiqhudelwaneni emikhulu kweBafana. Lo mdlalo awudalanga ungabazane kuphela ngeBafana kodwa uphinde waxoshisa umdlali uLyle Lakay kwiMamelodi Sundowns.
ULakay uxakwe ngu-Achraf Hakimi wePSG wagcina ebonakala njengekhongco elibuthaka odongeni lwasemuva. IBafana ikuGroup K oneMorocco neLiberia. IZimbabwe ikhishwe ngenxa yokugxambukela kukahulumeni ezindabeni zebhola. Emdlalweni olandelayo wokuhlunga, iBafana izobhekana neLiberia ngoMashi 20, ngaphambi kokuphinda neMorocco ngoMashi 28.
Ukwesula kwephini likaBroos:
Emuva konyaka uBroos eyibambile nephini lakhe, kwethuke iningi kuvela izindaba zokuthi iphini lakhe, uCedo Janevski, seliwulaxazile umsebenzi kwiBafana. UJanevski ufike noBroos eziqokele yena. Ukushiya kwakhe bengakawuqedi umsebenzi abazibekele wona kwiBafana iqubula imibuzo ngokubona kwabo impumelelo eMzansi. UJanevski waseMacedonia useqeqesha i-AEL Cimassol yaseCyprus. Ukuhamba kwakhe kushiye uBroos nephini elilodwa okunguHelman Mkhalele.
Ukubuya kukaThemba Zwane kwiBafana:
Emuva kwesikhathi abalandeli bekhala ngoZwane kwiBafana, lugcine lugobile uphondo kuBroos owayeshaye ngonyawo phansi, ethi akawafuni "amakhehla" eqenjini lesizwe. UZwane ushaye amagoli amabili, waqokwa njengomdlali ovelele ngesikhathi iBafana idlala neSierra Leone. Emuva komdlalo uBroos uvumile ukuthi ubeshoda ngoZwane eqenjini lakhe. Ukushaya into ecokeme kukaZwane kungenzeka kuvulele ithuba nabanye abadlali asebekhulile.
Okuhle kwiBafana ngo-2022:
Nakuba lo nyaka ungajabulisanga kangako eqenjini lesizwe kodwa kukhona okuhle okwenzekile. U-2022 uyohlala usezinhliziyweni zabadlali abaningi ikakhulukazi abasebancane abanikwe ithuba nguBroos. Kulaba badlali kukhona uLuke Le Roux, Siphephelo "Yaya" Sithole, Khanyisa Mayo, Mihlali Mayambela nabanye. Eminyakeni edlule, bekunzima ukuthola ithuba lokudlalela iqembu lesizwe kubadlali abasebancane ikakhulukazi abadlala phesheya kwezilwandle.
Okufanele kulungiswe ngeBafana ngo-2023:
Ngaphandle kokwenzeka enkundleni, iBafana kufanele kubanjiswane. Kuyihlazo ukuthi sekuze kwaphela unyaka uBroos engaphumeleli emizameni yakhe yokuhlangana nabaqeqeshi bamaqembu eDStv Premiership.
UBroos uveze ukuthi wenzelwa phansi yiPSL engasidlulisi isicelo sakhe emaqenjini. Uma iqembu lesizwe liyekelwa kumuntu oyedwa ikakhulukazi ongayena owaseMzansi, lokhu kutolikeka ngokuthi kukhona abangahambisani nokuqashwa kwakhe noma abafuna ahluleke emsebenzini wakhe. Ukuhlangana kukaBroos nabaqeqeshi kuzomsiza ukwakha ukuhlobo obuzoholela ekutheni axhumane nabo ngabadlali. Lokhu kufanele kushintshe ngo-2023 ngoba kubuyisela emuva iBafana osekucacile ukuthi isisele kakhulu ebholeni lomhlaba.