IBAFANA Bafana ibuveze obala ubuhlathi beSouth African Football Association (Safa) ivuka indlobane idla iSierra Leone ngo 4-0 kowokungcweka e-FNB Stadium, eSoweto izolo ntambama, obungakhangisiwe ekutheni abathandi bomdlalo kanobhutshuzwayo bawethamele ngobuningi babo.
Okudayise iSafa yikho kanye ukuthi iBafana ivalele amagoli amane okokuqala eminyakeni ecela kwewu-30 yagcija ukuwina ngesibalo esiphezulu kanje.
Lokhu kushiye umlandeli obengayile enkundleni engazisoli ngoba umlando wubungaqhakambisiwe ngendlela.
Nobengayinakile indaba yebhola, usale ezibuza ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi iqembu eliwina ngamagoli amaningi kangaka lingabukwa yinkundla egculisayo.
IBafana igcine ukuwina ngenqwaba yamagoli ngo-2019 yehlula iSychelles ngo 6-0 kowokuhlungela i-Africa Cup of Nations.
Okudayisa iSafa wukuthi bebengekho abantu enkundleni kwenzeka umbuso wembudlu yamagoli, ozobhala kabusha umlando weqembu lesizwe.
Usalile umbuzo wokuthi kwenzeke kanjani ukuthi iqembu lesizwe, ngoSuku lwamaGugu, libukwe yizihlalo namajuba ekubeni eThekwini abalandeli bebhola lombhoxo bebengangoZulu eya eMakheni bezobuka iqembu lesizwe Amabhokobhoko?
Naphezu kwalokho, babukwa ngamajuba nje, badlala elokishini elinomlando ojulile empilweni yomuntu omnyama eNingizimu Afrika, iSoweto.
Izolo iBafana akumangazi ukuthi yethuse abantu abaningi ibasela amagoli amane, kwazise isivame ukuthi emidlalweni yobungani idlale ngokulingana ekubeni kwemqoka yilapho ixaka khona, ivele yehlulwe.
Umqeqeshi weBafana, uHugo Broos izolo udlale ebhekene nezimo ezimbili ezibucayi ngenxa yendlela aqoke ngayo abadlali bakhe kulokhu.
Okudonse amehlo wukuthi abize uThemba Zwane, oselokhu afika ubegolozela kwabani obemtshela ukuthi akangamshiyi.
Nebala noMshishi, igama abambiza ngalo abamthandayo uZwane, ogila izimanga kwiSundowns ngamasizini wonke, wenze into yamehlo ebasela amagoli amabili kwamane.