I-MANCHESTER United iqede ukuqagela ngokuqinisekisa ukuthi u-Erik Ten Hag, uzoqhubeka nokuqeqesha iqembu ngesizini ezayo.
Lo mqeqeshi odabuka eNetherlands, usayine inkontileka yeminyaka emithathu ngesikhathi ejoyina iqembu ngo-2022, obekumele iphele uma kusongwa uJuni ngonyaka ozayo.
Ngaphambi nje kokuphela kwesizini bekunamahlebezi okuthi ngeke abuyele e-Old Trafford, ngesizini ezayo ngoba izinto aziyihambelanga kahle i-United kwiPremier League, lapho iqede endaweni yesishiyagalombili ngesizini edlule.
Nokho, iRed Devils yayiqeda ngenothi elihle isizini ka-2023/24 ngokuphakamisa indebe yeFA Cup. Ikwenze lokhu ngokuqumba phansi omakhelwane bayo iManchester City, ngo 2-1 kowamanqamu ngoMeyi 25.
Bekuyisicoco sesibili esinqotshwe nguTen Hag neqembu laseManchester, njengoba alisiza lanqoba iCarabao Cup ngesizini yakhe yokuqala.
Lokhu kwenze abaphathi be-United bangamgcina nje kuphela kodwa basebenzise umbandela wokwelula inkontileka yakhe ngesizini, okusho ukuthi isizophela ngo-2026.
“Ngijabule kakhulu ngokuthi sesivumelene neqembu ukuthi siqhubeke nokusebenzisana. Uma sibheka emuva eminyakeni emibili edlule, singaziqhenya ngezindebe ezimbili kanye nezibonelo eziningi ezikhombisa ukuthi kukhona okungcono esikwenzile uma kuqhathaniswa nezinga iqembu engalifica likulona. Yize kunjalo, akubuzwa ukuthi usemkhulu umsebenzi okumele siwenze,” kusho uTen Hag.
Sekunesikhathi kubikwa ukuthi uTen Hag uzosebenzisana nethimba elisha labaqeqeshi ngesizini ezayo. Owayengumgadli we-United, uRuud van Nistelrooy, kulindeleke ukuthi abuyele e-Old Trafford ehambisana noRene Hake, obeqeqesha iGo Ahead Eagles.
Kulindeleke ukuthi inkakha yebhola yaseNingizimu Afrika, uBenni McCarthy, obecija abagadli be-United, afune umsebenzi kwenye indawo njengoba inkontileka yakhe neqembu iphele ngoJuni 30.