IMAMELODI Sundowns ihloniphe ngejezi elisha iqhaza elibanjwe ngabalandeli bayo empumelelweni yaleli qembu elizobe lizama ukuvikela isicoco seDStv Premiership okwehlandla lesikhombisa kulandelana.
I-Sundowns eswenkiswa yinkampani iPuma kusukela ngo-2016, iveze owayo umsiko ezozama ngawo ukuvikela isicoco seligi, iphinde yenze kangcono kwiCaf Champions League.
Ngesikhathi iSundowns yethula ijezi nge-video eyifake ezinkundleni zayo zokuxhumana, umbhalo obusobala wukuthi umcimbi kumbe umgqigqo uyaqhubeka.
“Ngaleli jezi iSundowns ithakasela ukuzinikela okuyisimanga kwabalandeli ngezinhliziyo zabo eqenjini ngaso sonke isikhathi, okuyikhona futhi okwenza (abalandeli) babe yinhliziyo yeqembu. Umfutho wabalandeli uhlale njalo ududulela leli qembu empumelelweni,” kusho isitatimende esilandele i-video.
Ngokuqhubeka kwe-video yokwethulwa kwejezi elisha lasekhaya nasekuhambeni, eshuthwe edolobheni ePitoli, kuvela imifanekiso yabantu abahlukene bakuleli dolobha abangabalandeli beSundowns beqhubeka nempilo yabo, okuhlanganisa ukuya emsebenzini, abanye bayazisebenza babuye bavezwe sebesenkundleni bedlubhe umfaniswano waleli qembu labo, eliwathwalise kanzima amaqembu aseNingizimu Afrika.
“Imisindo eyahlukene edolobheni lethu uma uyihlanganisa yenza ingoma ethile. Ukwahlukana kwempilo esiyiphilayo nemisindo esiyenzayo yikhona lokhu okubona kuphambana emsikweni wethu omusha.
Sisazoqhubeka nokukhala isigubhu seSundowns,” kusho obekhuluma kwi-video ekhishwe yiSundowns.
Ngokwemibala ejwayelekile yeSundowns akukho okushintshile kwelasekhaya, isamile kophuzi, kuthi elasekuhambeni libe luhlaza okwesibhakabhaka.
Umsiko ugqize ngegama lalo iqembu elinqanyuliwe kodwa labhalwa ngesitayela. Uyaheha uma uzowuqhathanisa nebhola elidlalwa yiqembu elizobe liwudlubhe ngoLwesihlanu ngo-7.30 ebusuku lapho lizobe livakashele iSekhukhune United kowokuqala weDStv Premiership ka-2023/2024.