SIZOBONDWA siyekwe sishiywe nephini ngoDisemba 16, 2023! Phela abantu baseNingizimu Afrika, bazogubha iholidi ngokuthamela owamanqamu weCarling Black Label Cup, ozobe ubophele okokuqala ngamaqembu awu-16, adlala kwiDStv Premiershp.
Lokhu kupotshozelwe Isolezwe Ngempelasonto, ngoyimenenja jikelele yePremier Soccer League, u-Andile “Ace” Ncobo.
Isikhulu sitshele iphephandaba eliwela umfula ugcwele, ukuthi umqhudelwano uzoqala ngempelasonto ka-21/22 Okthoba.
“Impela singakuqinisekisa ukuthi sekuzodlala amaqembu angu-16 asesigabeni esiphezulu. Lo mqhudelwano uzoqala ngempelasonto ka-Okthoba 21 no-22,” kuchaza uNcobo, okulilizele izwe lonke ebuyela ebholeni elikhokhelayo.
Eyokudlala kwamaqembu angu-16, ibibikiwe ngesikhathi wethulwa lo mqhudelwano, ozovala indawo yeTelkom Cup ngaphambi kombhedukane lweCovid19.
UNcobo uthe sekuhlelwe konke ngalo mqhudelwano kangangokuthi, zonke izinsuku sezihleliwe, ngisho olwamanqamu.
“Owamanqamu ungoDisemba 16 (okungelinye lamaholidi amakhulu eNingizimu Afrika kodwa ngeshwa, yilapho kuqala khona ishwa lezingozi zomgwaqo).
“Ama-quarterfinal wona azokuba ngoNovemba 4 no-5. Amasemi final wona-ke besisaxoxe ukuthi azokuba phakathi kuka 1 no-7 Disemba. Kodwa impela owamanqamu uzokuba ngiDisemba 16.”
Kuzokhumbuleka ukuthi iCarling iqale ukungena ebholeni nge-Orlando Pirates neKaizer Chiefs, emqhudelwaneni ophele usubizwa ngeChampions Cup, ngemva kokuvalwa kweTelkom Charity Cup, eyayidlalelwa amaqembu ngokwamavoti awatholile kubalandeli bakanobhutshuzwayo.
Baqhubekile nalokho iminyaka besolwa ngokudla bodwa abaseSoweto. Baze bangena nasembhoxweni njengoba sebexhase neCurrie Cup.
Ngesizini edlule ebholeni baqhamuka nomqhudelwano okhalise kakhulu abaqeqeshi ngoba isikimu besisethwa ngemiqhafazo yabalandeli (sms).
Nokho ziqhilikile izihlathi uma sebesingatha ozodlalelwa nguwonke, wonke ebholeni eliphezulu eNingizimu Afrika.
Kwenzeka konke lokhu, sisasimile isikhalo sokungabinawo umqhudelwano wenkomishi kwamaqembu adlala kwi-1st Division, ebizwa ngeMotsepe Foundation Championship, kulezi zinsuku.
La maqembu, axhozela awePremiership abadlali, abanga kuphela iNedbank Cup, aqale achathane wodwa kuyo ukuze kudlule ayisishiyagalombili kuphela ukuya esigabeni seLast 32.