MANCHESTER CITY v CHELSEA
E-Wembley Stadium, eLondon namuhla ngo-6.15pm ku-SS3
ISIZINI ka-2023/2024 esisongwa, yize ithathwa njengenye yalawo abemabi kwiChelsea, kodwa ukufinyelela kwayo kweyandulela owamanqamu eFA Cup cishe yikhona okubuyisa ithemba kubalandeli baleli qembu ngethuba lokugcina lokulwela isicoco kule sizini.
IChelsea izotholana phezulu neManchester City emdlalweni wokuqala weyandulela owamanqamu weFA Cup, namuhla ngo-6.15 ntambama eWembley Stadium, eLondon.
Owesibili wowandulela owamanqamu uphakathi kweManchester United neCoventry City edlala kwi-English Football League Championship, khona eWembley Stadium, kusasa ngo-4.30 ntambama.
Ngesizini edlule iChelsea ihluleke yancama ukuzibekisela indawo ngisho kwi-Uefa Europa League iqeda endaweni ka-12 kwi-log ye-English Premier League.
Lokhu kuholele ekukhonjweni indlela kukaFrank Lampard iqembu elishaye udaka ngaphansi kobuholi bakhe ngemuva kokuxoshwa kukaGraham Potter.
Kube sekuqashwa uMauricio Pochettino kwesokuqeqesha ngaphambi kokuqala kwesizini, nokunguyena osayibambile namanje njengoba sezibheke entanjeni.
Lo mqeqeshi odabuka e-Argentina usabhekene nenselelo yokugeza igilo abaphathi baleli qembu laseStamford Bridge ekutheni basibone isidingo sokumgcina, aqhubeke nokulihola nangesizini ezayo.
Ngokwezibalo, iChelsea isengakwazi ukuzibekisela indawo kwi-Uefa Europa League ngokuqeda endaweni yesihlanu kwi-log yePremier League njengoba kumanje isendaweni yesishiyagalolunye kwi-log.
Ukunqoba i-FA Cup ngelinye ithuba lokuthi leli qembu libuyele emqhudelwaneni wase-Europe, liphinde libuyise nesithunzi ngokunqoba indebe njengoba lagcina ngesizini ka-2020/2021 ukuphakamisa isicoco lidla i-Uefa Champions League.
Lo mdlalo ubaluleke ngokufanayo kuwona womabili la maqembu. IMan City yiyona engompetha abavikela isicoco seFA Cup esinqobe ngesizini edlule iguqisa iManchester United kowamanqamu.
Ngaphandle nje kwalokho, iMan City ehlulekile ukuvikela isicoco sayo seChampions League ikhishwa yiReal Madrid kuma-quarterfinal ngoLwesithathu, akungatshazwa ukuthi seyiyibheke ngabomvu i-FA Cup ukuzithoba amanxeba.
Okunye lo mdlalo uthathwa njengowamagqubu phakathi kwalezi zingqungqulu zase-England njengoba iMan City kuyiyona esikhonye phezu kweChelsea emidlalweni eyisishiyagalombili egcine ukudlalwa yila maqembu.
Nokho, kule sizini ayikho egobe uphondo phakathi kwala maqembu emidlalweni yePremier League.
Emzuliswaneni wokuqala zibambane ngo 4-4, kowesibili zabambana ngo 1-1, nokuyikho okwenza kulindeleke kusiphuke izidindi namuhla eWembley.
I-The Blues iza kulo mdlalo nje ihambela phezulu kulandela ukuxebula i-Everton ngo 6-0 ngoMsombuluko koweligi.
Kulo mdlalo uCole Palmer evalele phakathi amagoli amane okubalwa nephenathi.
UPalmer ongumdlali wasesiswini odle ngokushoshela, nophinde adlale ophondweni lwesokudla, njengamanje uselingana no-Erling Haaland weMan City ngamagoli angu-20 kwiligi.
Akungatshazwa ukuthi ifomu yalo mdlali ingokunye kokubhekiwe kulo mdlalo wanamuhla.
Imidlalo yowandulela owamanqamu eFA Cup:
Namuhla - Ngo-6.15pm: Manchester City v Chelsea (Wembley Stadium)
Kusasa - Ngo-4.30pm: Coventry City v Manchester United (Wembley Stadium)