UKUPHUNYUKWA yisicoco se-English Premier League amasizini amabili elandelana kwe-Arsenal, sekuphenduke isibhobo esingumashayandawonye kubalandeli beqembu.
Kuphinde kufake ingcindezi nakumqeqeshi uMikel Arteta, osabhekene nenselelo yokulinqobela isicoco seligi kusukela athatha izintambo ngo-2019.
Sekuwumlando ukuthi ngesizini ka-2022/23 i-Arsenal iphunyukwe yisicoco sePremier League yalala isibili ngemuva kweManchester City. Kwaba ngesifanayo ngesizini edlule ka-2023/24 iphunyukwa yilesi sicoco sezibheke kuMaliyethe, yehlukaniswa ngamaphuzu amabili kuphela nezimbangi iMan City ebisinqoba okwesine amasizini elandelana isicoco.
Nokho, ukungena ntshi emakethe kweGunners kuleli windi lokusayiniswa kwabadlali, kubukeka kuyinkomba yokuthi izimisele ngokuqhubeka nokushisa umbango kwisizini ka-2024/25.
Ngemuva kokusayina uDavid Raya ongunozinti osuka kwiBrentford, nesiqongqwane sasemuva uRiccardo Calafiori osuka kwiBologna yase-Italy, muva nje i-Arsenal seyisayinise injini yasesiswini, uMikel Merino, osuka kwiReal Sociedad yaseSpain, osanda kudla isicoco se-Uefa Euro Championship neqembu lesizwe laseSpain.
Kubukeka zingakaqedi ukusayina ezika-Arteta njengoba ziyamaniswa nomgadli ovutha uphondo uViktor Gyokeres weSporting Lisbon yasePortugal.
UGyokeres ovalele phakathi amagoli angu-43 emidlalweni engu-50 kuyo yonke imiqhudelwano ngesizini edlule, kuvela ukuthi sekusele izinto ezincane leli qembu laseLondon, liqede konke ngokusayinwa kwakhe, ngokubika kweFootball.London.
Ukusayina umdlali wasemuva, owasesiswini, nomgadli kuyinkomba yokuthi u-Arteta uzimisele ngokuqinisa udonga lwasemuva, ukuqinisa esiswini nokuba bukhali phambi kwamapali.
Ngesizini edlule i-Arsenal ingenelwe ngamagoli ambalwa ukwedlula wonke amaqembu ePremier League ngoba idedele angu-29, namagoli ibiwahlohla njengoba ishaye angu-91 ngemuva kweMan City ehlohle angu-96, yangenelwa angu-34.
Ecashunwa yiMirror, ngemuva komdlalo wobungani neLiverpool abashaywe kuwo ngo 2-1 ngoLwesithathu, u-Arteta ukubeke kwacaca ukuthi i-Arsenal kudingeka ikhombise indlakadla ezimbangini zayo esazobhekana nazo.
“Kumele siwajezise amaqembu, ikakhulu uma ubheka indlakadla esiyikhombisile, nesikhathi esibenaso ibhola lingakithina kodwa sangakwazi ukwenza okwanele ngalo ngisho sesisendaweni enhle yokushaya igoli. Yilapho okufanele silungise khona ngoba bona (abeLiverpool) ithuba lokuqala abalitholile balisebenzisile bashaya igoli, yikho lokho-ke okwenze umehluko,” kusho u-Arteta, ngemuva kokuba ezakhe ziguqiswe yiLiverpool wamagoli kaMohamed Salah noFabio Carvalho. Ele-Arsenal leza noKai Havertz kowobungani.
I-The Gunners engelinye lamaqembu ePremier League azobe eyibambe kwi-Uefa Champions League kule sizini, izovula eyePremier League ngomdlalo wasekhaya ngokududulana neWolverhampton Wanderers, ngo-Agasti 17, e-Emirates Stadium, eLondon.