Cape Town Spurs (1) 1
Golden Arrows (0) 2
I-LAMONTVILLE Golden Arrows, iphuce iCape Town Spurs ithuba lamaphuzu okuqala esizini, ngesikhathi iyijikela ekubeni ibilandela ngemuva, yagcina iwawola egcwele emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibili ebusuku e-Athlone Stadium, eKapa.
Inkundla ivulwe ngu-Ashley Cupido, ngegoli alingqofele enethini esiwombeni sokuqala ngaphambi kokuthi uLungelo Nguse, atholele izivakashi elokulinganisa nelokunqoba.
Imizuzu yokuqala eyishumi bekufanele iphele i-Arrows isihamba phambili okungenani ngamagoli amathathu, ngendlela ebithola ngayo amathuba amaningi futhi alula.
Unozinti weSpurs wase-England, uSam Ramsbottom, usindise leli qembu laseKapa, engozini yokulandela emuva umdlalo usanda kuqala ngokuvimba amabhola amabi abefika ne-Arrows kulandelana.
Ngalesi sikhathi, ezikaShaun Bartlett, bezidlalisa okweqembu elingayazi iwini emidlalweni yokuqala emihlanu yesizini entsha ngoba i-Arrows ibizenzela kodwa kuthombe ukhiye uma isifike emapalini kaRamsbottom.
Okunye obekwenza ibukeke sengathi ayikho emdlalweni iSpurs, wukuthi i-Arrows igcine ukudlala ezinsukwini ezimbalwa ezedlule kanti iqembu lasekhaya beligcine ukudlala emasontweni amathathu (adlule).
Kungalindele muntu, uCupido ugotshelwe ibhola lakhala ezintanjeni ngomzuzu ka-16, okulandelwe elinye ibhola elinzima lalo mgadli kodwa wagezwa unozinti we-Arrows, u-Ishmael Watenga.
Leli goli kube sengathi wumjovo kwabeSpurs abese bewukhuphule bonke umdlalo.
Maphakathi nesiwombe sokuqala i-Arrows ilahlekelwe ukaputeni, uNduduzo Sibiya, ngenxa yokulimala.
Nakwesesibili isiwombe, i-Arrows iyona eqale ngeminyakazo ethembisayo ngoba bese yengeze nangoNguse, olinganisele leli qembu laseThekwini ngomzuzu ka-55.
UBartlett wenze ezakhe izinguquko efaka uLungelo Phewa, Asanele Velebayi, Riyaaz Nell noLeo Thethani, ngoba ebona ukuthi i-Arrows isiwukhuphulile umdlalo kulandela ukulinganisa kwayo.
UNguse ukuphindile lokhu esebeka i-Arrows ebuhleni ngegoli lesibili alishaye kulandela ibhola elihle likaLindokuhle Cele, ngomzuzu ka-80. I-Arrows iqhubekile nokuhlala endaweni yesibili ngamaphuzu awu-14 kanjalo neSpurs isabhajwe emsileni igingqa iqanda ngasemaphuzwini emidlalweni eyisithupha. UBartlett kuzomele aqhamuke neqhinga elisha lokusiza ezakhe ziqale ukuqoqa amaphuzu, ngale kwalokho izoya ngokuvuthwa indlela yabo ebuyela esigabeni esiphansi, iMotsepe Foundation Champinship.