I-LAMONTVILLE Golden Arrows ivuke indlobane yabhodlela kwiPolokwane City ngokuyithela isibhaxu sika 3-2 emdlalweni weDStv Premiership obudlalelwa eMpumalanga Stadium, eHammarsdale, ngoMgqibelo.
I-Golden Arrows ibhodlela kwiPolokwane nje ibibuya esibhaxwini sika 4-0 ebisithole kwiMamelodi Sundowns ngeledlule.
Leli qembu laseLamonti kubukeka likwazile ukulungisa amaphutha, lavuka lazibamba lilwele ukubuya namaphuzu amathathu agcwele emdlalweni walo wasekhaya.
Ukungenelwa yigoli kuqala kwe-Arrows kubukeka kuyikhona okuyivuse emaqandeni ngenkathi uDouglas Mapfuno eshayela iPolokwane igoli ngomzuzu ka-12.
Akuphelanga sikhathi esingakanani i-Arrows yathola elokulinganisa ngomzuzu ka-13 uNduduzo “Sulumane” Sibiya evalela phakathi igoli ngemuva kwephutha likanozinti wePolokwane, uLindokuhle Mathebula obhule ibhola ebeligotshwe ngu-Angelo Van Rooi lawela ezinyaweni zikaSibiya, wathi bona ngibulale.
Ngemuva kokuthola elokulinganisa i-Arrows kubukeke sengathi isithelwe ngezibonkolo njengoba kuthe ngomzuzu ka-21 uLungelo Nguse wavalele phakathi elesibili ngemuva kwebhola eligotshwe nguVan Rooi, obeqhamuka egadulisa amadoda ohlangothini lwesokudla.
Akuphelanga sikhathi eside futhi i-Arrows yakhombisa ukuthi iwafuna ephelele amaphuzu amathathu emdlalweni. UThemba Mantshiyane ungqofele phakathi igoli kade kuyikhona ebigotshwe nguBrandon Theron.
Lokhu kwenze zaya ekhefini i-Arrows iqengqeleza phambili ngo 3-1.
Ngesiwombe sesibili i-Arrows ayikhombisanga isivuthevuthe sasesiwombeni sokuqala njengoba emizuzwini embalwa zibuye ekhefini iPolokwane ithole igoli lesibili ngonyawo lukaLebohang Nkaki, ngomzuzu ka-53.
Empeleni i-Arrows iphume ngembobo yenaliti kwiPolokwane ngesiwombe sesibili ebisho ukuyigojela, kwasiza yena unozinti wayo u-Ismail Watenga obala ukhasha ezintini, evimba amabhola amabi sekuvalwe amehlo, okubalwa nokugeja u-Oswin Appollis ngomzuzu ka-87 iPolokwane isilibalile.
Ukunqoba kwaBafana Bes’thende akungatshazwa ukuthi kuzobuyisa ukuzethemba kubadlali baleli qembu, ebeselinqoba umdlalo wesibili kwemine yePremiership elisayidlalile kule sizini.
Ngakolunye uhlangothi ukushaywa kweRise and Shine kulo mdlalo kusho ukuphazamiseka komgqigqo wayo omuhle ebisiwuqalile wokunqoba imidlalo emibili ilandelana, okungekubi kangako kuleli qembu elingomakoti kwiPremiership, elisanqobe imidlalo emibili, lahlulwa kwemibili elisayidlalile kule sizini.