Lamontville Golden Arrows (0)1
Cape Town City (1)1
I-LAMONTVILLE Golden Arrows iphuce iqatha emlonyeni iCape Town City ibuya seliyoshona emdlalweni weDStv Premiership ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngoLwesibili ebusuku.
Igoli leCity lishaywe nguDrammeh Kajally esiwombeni sokuqala. EleCity libekwe enethini nguDevine Lunga esiwombeni sesibili.
I-Arrows kade ibheke ukuqhubeka lapho igcine khona ngaphambi kwekhefu leFifa emasontweni adlule. Abafana Besthende bathele ngehlazo lika-4-0 iSwallows koweligi KwaMashu, okuholele ekutheni kuxoshwe umqeqeshi uDylan Kerr.
ICity ingene enkundleni ibheke ukuthola amaphuzu amathathu azokwenza yenyuke kwi-log yePremiership ngaphambi kokuyodlala imidlalo yangaphandle ngempelasonto.
I-The Citizens izobhekana nePetro du Luanda yase-Angola, emdlalweni wokuhlungela isigaba samaqoqo weCaf Champions League eCape Town Stadium ngoMgqibelo ntambama.
I-Arrows iqale umdlalo ngokukhulu ukuzethemba ikhombisa ukuthi idlalela ekhaya kodwa akukho okutheni obekukhathaza udonga lwasemuva lweCity. Kube yizivakashi ezithole ithuba lokuqala elicacile lokushaya igoli ngesikhathi ibhola likaDarwin Gonzalez, livinjwa ngunozinti uNkosingiphile Gumede esebhekene naye ngomzuzu ka-22.
Emuva kwemizuzu eyisihlanu, uKajally uthwale abadlali be-Arrows esuka ngakulayini kwesokudla waze wayolibeka phakathi, wasala enkemile uGumede. Emuva kwaleli goli, iCity iqhubekile nokufaka ingcindezi kwi-Arrows.
Esiwombeni sesibili, i-Arrows ibuye ngomfutho iphumelela ukuvula iCity kodwa ihluleka uma isifike phambili. Ngomzuzu ka-51, isitobha seCity, uTariq Fielies, siyitakulile ngesikhathi uDarren Keet, eshayisane nozakwabo ebhokisini waliphunyula. I-Arrows kugcine kuyilungele ngomzuzu ka-79 ngesikhathi uLunga eshaya ibhola lingakahlali phansi labhajwa ezintanjeni.
Imiphumela yeDStv Premiership yangoLwesibili: SuperSport United 3-1 Royal AM; TS Galaxy 0-1 Marumo Gallants; Stellenbosch 3-0 Maritzburg United; Lamontville Golden Arrows 1-1 Cape Town City; Sekhukhune 2-0 Orlando Pirates.