SIBUSISO MDLALOSE
LAMONTVILLE Golden Arrows ilahle ithuba lokuvala igebe phakathi kwayo neMamelodi Sundowns esesicongweni se-log ibambana ngo 0-0 neStellenbosch FC emdlalweni weDStv Premiership, eMpumalanga Stadium, eHammarsdale, ngoMgqibelo ntambama.
I-Arrows beyiye kulo mdlalo ihambela phezulu ngemuva kokunqoba imidlalo emibili ilandelana ngaphambi kwekhefu leFifa, ishaya iPolokwane City ngo 3-2 yalandela ngokuxebula iSupersport United ngo 3-0.
Kanti iStellenbosch beyize kulo mdlalo isazikhotha amanxeba kulandela ukushaywa imidlalo emibili ilandela ishaywa yiSupersport nog 2-1, neKaizer Chiefs ngo 2-0.
Njengamanje i-Arrows esendaweni yesibili kwi-log yePremiership ngamaphuzu angu-11 emidlalweni eyisithupha.
Yehlukaniswe ngamaphuzu ayisikhombisa neSundowns esaqhwakele ngamaphuzu angu-18 emidlalweni elinganayo.
Ngesiwombe sokuqala onozinti bawo womabili la maqembu bebezizipholele eMgababa, kwazise akekho phakathi kwabo oke wavimba ibhola elinzima kwaze kwakhala impempe ezikhomba ekhefini.
Ithimba labaqeqeshi le-Arrows eliholwa wuMabhuti Khenyeza libona ubuthuntu phambili lenze izinguquko njengoba zithe zibuya nje ekhefini, kwangena uRyan Moon endaweni kaLucky Nguse, noSiyanda Mthanti endaweni kaNduduzo “Sulumane” Sibiya ongabanga nawo umdlalo omuhle.
Nebala ubonakele umehluko ngemuva kokungena kukaMoon noMthanti, njengoba i-Arrows ibisikhombisa ukuba yiqembu elingcono kakhulu uma kuhlaselwa, uMthanti ethwalisa kanzima iStellenbosch ngejubane nokugoba amabhola ayingozi ohlangothini lwesokudla.
Ukuhlasela kwe-Arrows kucishe kwathela izithelo ngomzuzu ka-56 ngenkathi uMoon ethi bona ngibulale, kodwa unozinti weStellenbosch uSage Stephens.
UMoon obelokhu ewuhlupho, ucishe watholela i-Arrows igoli futhi ngomzuzu ka-74 engqomfela ngekhanda ibhola ebeligotshwe wu-Angelo Van Rooyen.
Yize Abafana Bes'thende kuyibona abathole amathuba amaningi okubhakuzisa inethi ngesiwombe sesibili, kodwa iStellies ihlasele kwavalwa ngemizuzu yokugcina, futhi Iqwn Rayners ucishe washayela iStellies igoli lokuwina ngomzuzu ka-82 kodwa wala ukhasha unozinti waBafana Bes'thende, u-Ismail Watenga.
Lona bekuwumdlalo wokuqala waBafana Bes'thende ibhentshi labo lilaxazwe wuVusumuzi "Kanu" Vilakazi obeqeqesha ngokubambisana noMabhuti Khenyeza, emasontweni amabili edlule ejoyina iChippa United njenge-technical director kungazelele muntu.
Yize ukungabuyi namaphuzu amathathu kulo mdlalo kwaBafana Bes'thende kubancishe ithuba lokuvala kancane igebe phakathi kwabo neSundowns, kodwa iphuzu lisho lukhulu kuleli qembu elibukeka lenza kangcono selokhu kuqale le sizini.
NgoLwesibili ezikaMabhuti Khenyeza noMusa Bilankulu abaqeqesha ngokubambisana, zizobhekana neCape Town City, e-Athlone Stadium, eKapa, ngo-7.30 ebusuku.