OMPETHA beCopa America, i-Argentina, baqale kahle ukuvikela le ndebe ngokunqoba yomibili imidlalo yokuvula yamaqoqo, bethela phansi iCanada neChile kuGroup A.
Leli qembu eliholwa yingwazi yebhola, uLionel Messi, liguqise iCanada ngo 2-0 emdlalweni walo wokuqala ngoLwesihlanu kulo mqhudelwano ose-USA ohlanganise amaqembu aseSouth America namanye akhethekile adlala ngaphansi kweConcacaf.
Kowokuvula amagoli ashaywa nguJulian Alvarez noLautaro Martínez esiwombeni sesibili.
Nakuba uMessi engayibhakuzisanga inethi kulo mdlalo kodwa ube wukhiye njengoba womabili amaphasi akhande amagoli eqhamuke kuyena.
Kowesibili neChile ngoLwesithathu ekuseni bekugqame ukuqina kwesicathulo, nokuholele ekutheni uMessi abhekwe ngodokotela esiwombeni sokuqala, nokho ukwazile ukuwuqeda umdlalo ezakhe eziwunqobe ngo 1-0 ngegoli elishaywe nguMartinez sekuvalwe amehlo.
UMessi useqophe irekhodi elisha lokudlala imidlalo eminingi kwiCopa America. Ngaphambi kokuqala komqhudelwano ubebambene noSergio Livingstone waseChile ngemidlalo engu-34 kodwa usezihambela yedwa ngemidlalo engu-36.
Ukunqoba kwe-Abiceleste imidlalo emibili kuqinisekise ukuthi izoba ngelinye lamaqembu amabili azophuma eqoqweni layo adlulele kuma-quarter-final. Iqhwakele ngamaphuzu ayisithupha, ilandelwa yiCanada ngamathathu, bese iPeru neChile bebambana ngephuzu iqembu ngalinye.
I-Argentina ibheke ukunqoba imiqhudelwano emithathu ilandelana kwazise yadla isicoco seCopa ngo-2021 yaphinde yathatha iNdebe yoMhlaba ngo-2022.
Khonamanjalo iBrazil, eyaguqiswa yi-Argentina kowamanqamu eCopa ngo-2021, ibuye nephuzu elilodwa kowayo wokuvula ngesikhathi ibambana ngo 0-0 neCosta Rica ngoLwesibili ekuseni.
Bekucacile ukuthi iCosta Rica ibidlalela iphuzu kwazise ilithinte kabili kuphela ibhola ebhokisini leBrazil, yangakhahlela nelilodwa ibhola elidinge ukuvinjwa ngunozinti u-Alisson Becker.
IBrazil ike yalibeka enethini esiwombeni sokuqala kodwa igoli langabalwa ngenxa yokuthi uMarquinhos ubanjwe yi-Video Assistant Referee (VAR) esemhlabeni ongafanele.
ISelecao idlala lo mqhudelwano ngaphandle kwesethenjwa sayo uNeymar, owalimala edolweni ngoSepthemba nyakenye. Ubesenkundleni ezokwethamela umdlalo futhi ubonakale kaningi kwithelevishini ezimboza ubuso ngesikhathi ezakhe zigeja inqwaba yamagoli.
Iqembu likaDorival Junior liqale lo mdlalo lihlome ngabadlali abahlaselayo abasatshwayo njengoVinicius Junior, Rodrygo, Lucas Paqueta noRaphinha kanti ebhentshini belinoGabriel Martinelli, Endrick nabanye kodwa bonke bahlulekile ukudlula odongeni lwasemuva lweCosta Rica.
Amanye amaqembu abhekwe kakhulu kulo mqhudelwano, i-Uruguay neColombia, abuye namaphuzu aphelele emidlalweni yawo yokuvula enqoba iPanama neParaguay, ngokwehlukana.
Imiphumela yemidlalo yamaqoqo yeCopa America:
Argentina 2-0 Canada, Peru 0-0 Chile, Ecuador 1-2 Venezuela, Mexico 1-0 Jamaica, United States 2-0 Bolivia, Uruguay 3-1 Panama, Colombia 2-1 Paraguay, Brazil 0-0 Costa Rica, Peru 0-1 Canada, Chile 0-1 Argentina