Angisoze ngayilahla iBrazil: Ronaldinho
Ithembisa ukuliseka kuze kube sekugcineni iqembu lesizwe inkakha yaseBrazil, uRonaldinho njengoba lizobamba iqhaza kwiCopa America, ebanjelwe e-USA.
Ngesonto eledlule uRonaldinho ubhale ekhasini lakhe kwi-Instagram ethi ngeke awubuke nowodwa umdlalo weSelecao kulo mqhudelwano ngenxa yokuthi abadlali abakhombisi ukuthokozela ukudlalela iqembu lesizwe futhi abazimiseli enkundleni.
Nokho uphinde washaya umngqimphothwe wafaka i-video ehambisana nombhalo enkundleni efanayo, eqinisekisa ukuthi akazose alilahla iqembu lesizwe.
Uthe amazwi ayewabhalile ayengaphumi kuyena uqobo kodwa yizinto azibone zishiwo abalandeli.
"Mina angisoze ngahlukana nebhola laseBrazil futhi angisoze ngawasho amazwi afana nalawo. Engakusho yimibono yabalandeli engiyibone kwi-internet. Cabanga nje ukuthi abadlali bazizwa kanjani uma bebona kukhulunywa kanjalo. Behlelwa wugqozi,” kusho uRonaldinho.
“Kubaluleke kakhulu ukwesekwa abalandeli. Ngiyayazi into engikhuluma ngayo. Abadlali bethu badinga ukwesekwa. Uma sikhombisa ukubethemba nabo bazozethemba enkundleni.”
IBrazil iqhathwe neColombia, Paraguay neCosta Rica kuGroup D kwiCopa America. Izovula neCosta Rica ngoLwesibili ngo-3 ezintathakusa.
OweLiverpool ngeke abhidlize okwakhiwe nguKlopp
UHLOSE ukwakhela phezu kwesisekelo esiqinile esishiywe umqeqeshi oshiyile, uJurgen Klopp, umqeqeshi weLiverpool omusha, u-Arne Slot.
Lo mqeqeshi odabuka eNetherlands ubekhuluma okokuqala emakhasini aleli qembu ezinkundleni zokuxhumana selokhu kwaqinisekiswa ukuthi uyena ozovala isikhala sikaKlopp, obesehlale cishe iminyaka eyisishiyagalolunye.
USlot uzobe eqala ukusebenza ngaphandle kwaseNetherlands njengoba ebesaqeqeshe amaqembu akhona kuphela, iCambuur, AZ Alkmaar neFeyernood.
“Ngixoxile noKlopp ngoba yinto engijwayele ukuyenza uma ngifika eqenjini elisha. Uma umuntu esehlale iminyaka eqenjini kufanele uzwe ukuthi uzothini ngalo kanye nabadlali. Kusemqoka kodwa ukuthi okunye ngizibonele ngokwami,” kusho uSlot.
“Ngizovala isikhala sikaKlopp kodwa ngeke ngizame ukuzenza yena. Ngihlele ukuqhubeka nokuhle obekuvele kwenziwa, ngishintshe okuthile engicabanga ukuthi singakwenza kangcono. Ngizogxila kakhulu ezintweni esizenza uma sizilolonga ngoba ngicabanga ukuthi okuningi kuhlelwa lapho.”
USlot uthe usexoxile nabadlali abambalwa, ikakhulukazi umkhaya wakhe uVirgil van Dijk, ophinde abe ngukaputeni weqembu.
Uxolisile oweSpurs ‘ngehlaya’ elinokucwasa
UCELE uxolo uRodrigo Bentancur wase-Uruguay, kulandela inkulumo yakhe ebinokucwasa umdlali onguzakwabo kwiTottenham Hotspur, uSon Heung-Min.
UBentancur ubekhuluma ohlelweni lwethelevishini e-Uruguay lapho ephendule khona wathi “bonke bayafana” ngesikhathi ebuzwa ngozakwabo (uSon) odabuka eSouth Korea.
Leli “hlaya” lakhe alehlanga kakhe kubantu abamsole ngokucwasa abantu abadabuka e-Asia. Ugcine exolisile ekhasini lakhe kwi-Instagram.
“Sonny mfowethu, ngiyaxolisa kuwena ngokwenzekile. Bekuyihlaya elibhedayo. Uyazi ukuthi ngiyakuthanda. Angisoze ngidelele noma ngizwise wena ubuhlungu, noma ubani omunye, ngenhloso. Ngiyakuthanda mfowethu,” uBentacur ubhale kanje.
ISpurs ikhiphe isitatimende ithi izoqinisa izinhlelo zayo zokufundisa abadlali ngokuhloniphana njengoba behlukene ngobuzwe, ibala, nokunye.
UBentacur uyingxenye yeqembu lesizwe le-Uruguay elizodlala kwiCopa America lapho liqhathwe khona ne-USA, Panama neBolivia kuGroup C. Bazovula nePanama ngoMsombuluko ngo-3 ekuseni.
Angisoze ngayilahla iBrazil: Ronaldinho
ITHEMBISA ukuliseka kuze kube sekugcineni iqembu lesizwe inkakha yaseBrazil, uRonaldinho njengoba lizobamba iqhaza kwiCopa America, eqale izolo e-USA.
Ngesonto eledlule uRonaldinho ubhale ekhasini lakhe kwi-Instagram ethi ngeke awubuke nowodwa umdlalo weSelecao kulo mqhudelwano ngenxa yokuthi abadlali abakhombisi ukuthokozela ukudlalela iqembu lesizwe futhi abazimiseli enkundleni.
Nokho uphinde washaya umngqimphothwe wafaka i-video ehambisana nombhalo enkundleni efanayo, eqinisekisa ukuthi akazose alilahla iqembu lesizwe.
Uthe amazwi ayewabhalile ayengaphumi kuyena uqobo kodwa yizinto azibone zishiwo abalandeli.
"Mina angisoze ngahlukana nebhola laseBrazil futhi angisoze ngawasho amazwi afana nalawo. Engakusho yimibono yabalandeli engiyibone kwi-internet. Cabanga nje ukuthi abadlali bazizwa kanjani uma bebona kukhulunywa kanjalo. Behlelwa wugqozi,” kusho uRonaldinho.
“Kubaluleke kakhulu ukwesekwa abalandeli. Ngiyayazi into engikhuluma ngayo. Abadlali bethu badinga ukwesekwa. Uma sikhombisa ukubethemba nabo bazozethemba enkundleni.”
IBrazil iqhathwe neColombia, Paraguay neCosta Rica kuGroup D kwiCopa America. Izovula neCosta Rica ngoLwesibili ngo-3 ezintathakusa.
Zihlanganiswe uXolile Mpisane