OBENGUMDLALI weMamelodi Sundowns, uGrant Margerman, udalule ukuthi isinqumo sokuhlukana naleli qembu usithathe ngoba ezicabangela yena uqobo.
UMargerman (25) usayine inkontileka yeminyaka emithathu kwiSuperSport United abekade ebolekiswe kuyona ngesizini edlule.
Ubengomunye wabadlali eChloorkop abebephila ngokubolekiswa futhi beshintshiswa amaqembu njalo ngesizini. UMargerman, okhulele enkulisa ye-Ajax Cape Town, uthengwe yiSundowns ekuqaleni kwesizini ka-2020/2021. Emuva kwesizini ubolekiswe kwiMoroka Swallows. Emuva kwalokho wakhonjwa kwiSuperSport.
UMargerman ugcine ehlulekile ukudla ijezi kwiSundowns ngaphansi kwabaqeqeshi abahlukene. Ekupheleni kwesizini edlule ukhulume neSuperSport wayazisa ukuthi uma imdinga ayimthathe ngokugcwele ngoba akasafuni ukubolekiswa. Kuvele ukuthi iSundowns ikhokhe imali, yengeza ngoMargerman ukuze ithole uThapelo Maseko komakhelwane bayo.
"Kumnandi ukuthi sengibuyile. Ngiyabazi abadlali abaningi nethimba labaqeqeshi. Singabadlali asifuni ukubolekiswa njalo ngesizini, sishintshe amaqembu. Ngakho ngithathe isinqumo sokusayina ngokugcwele lapha. Ngizicabangele mina kulokhu nomsebenzi wami. Ngikhethe iqembu elifanele. Ngiyamazi umqeqeshi nabanye abadlali. Manje sekuwukusebenza, ngikhokhele iqembu ngelikwenzile ukuze ngigcine kulona," kusho uMargerman.
"Manje ngoba sengizinzile eqenjini, kunginika ukunethezeka kancane ukwazi ukuthi ngizoba lapha amasizini ambalwa ezayo. Uma umdlali esenethezekile kuleyo ndawo, yilapho eqala khona ukuzibonakalisa, aqale alinikeze okungaphezulu iqembu. Ngakho okwamanje kufanele ngikhombise engingakwenzela iqembu enkundleni."
Ngaphandle kukaMargerman, iSuperSport isayinise ngokugcwele uSiphesihle Ndlovu ebikade imboleke kwi-Orlando Pirates ngesizini edlule. UNdlovu, ozakhele igama esayibamba kwiMaritzburg United, uzicelele ukubolekiswa ngenxa yokungasitholi isikimu. Ufike washaya into ecokeme enkabeni yenkundla, edlala ngokuzwana noMargerman kwiSuperSport.
"Ngesikhathi ngibona ezindabeni ukuthi usesayinile ngijabulile. Ngangijabule nangesikhathi esijoyina ngesizini edlule ngoba ngangazi ukuthi sithola umdlali olaziyo ibhola futhi ozoshisisa umbango kimina nakwabanye abadlali abadlala esiswini. Sidlale ngokukhulu ukuzwana futhi ngithemba ukuthi sizokwakhela phezu kwalokho, senze kangcono kule sizini. Ngifisa nokuthi asondele naseqenjini lesizwe ngoba ungumdlali ongaba kulona. Ngijabule ngokuthi ulapha futhi usayinile neqembu," kusho uMargerman.