UBEKE izaba umqeqeshi weKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane, echaza ngembangela eholele ekutheni bashaye udaka kule sizini ka-2022/2023, abayisonge ngebohlololo behlulwa yiCape Town City ngo-1-0 koweDStv Premiership ekhaya, eFNB Stadium ngoMgqibelo. Bekuwumdlalo wesine beshaywa kulandelana.
Ngalo mphumela iChiefs yehlele endaweni yesihlanu kwi-log ngamaphuzu awu-44, indawo yesine yathathwa yiCity. La maqembu azophinde ahlangane kwiMTN 8 ngesizini ezayo. UZwane ufike kulo mdlalo evele emanyamanambana kwabanye abalandeli beChiefs, abamkhipha ngesamagundwane enkundleni kowandulela lona wokugcina kade behlulwa yiSuperSport United.
Ngesikhathi enikwa izintambo zokucija leli qembu abe makhulu amathemba kubalandeli balo ukuthi uzokwazi ukubuyisa izinsuku zenjabulo yize bekushiwo ukuthi uzobe akha iqembu kule nkontileka yeminyaka emithathu anikwe yona.
Ngokuhluleka wukuphakamisa indebe kule sizini kusho ukuthi aseyisishigalombili amasizini leli qembu laseNaturena linganqobi isicoco.
Mhlawumbe abaphathi nabalandeli bebemthemba ngoba ulazi ukusuka nokuhlala usikompilo lweqembu njengoba eqale walidlalela waphinde waqeqesha nakwizinkulisa zalo.
Nokho sekusobala ukuthi akuhambanga njengokufisa kwabo.
Emasontweni edlule, iChiefs ishaywe yi-Orlando Pirates kowandulela owamanqamu eNedbank Cup nokuyiyona indebe ebeyisangakwazi ukuyilwela.
Amaqembu afana neSwallows, Sekhukhune namanye asebenzise iChiefs njengesitebhisi sokungena kwi-Top 8.
Njengoba iChiefs ingazange yenze kahle kule sizini, ihlulwa amahlandla awu-12 kwiligi, kukhona asebebona ukuthi uZwane kumele ashenxe kulesi sikhundla.
Esithangamini sabezindaba ngemuva komdlalo weCity, ebuzwa uZwane ukuthi ukhiye ulahleke kuphi kule sizini, ukhale ngokungabibikho kwabadlali abadala.
Uthe umthwalo ugcine sewusemahlombe abadlali abancane. Uphinde wabalisa ngokulinyalelwa ngabadlali nezinye izinto eziningi. Ukhala ngokungabibikho kwabadala nje, nokho akayingenanga eyokubophela abafana ne-Eric Matoho, Phathutshedzo Nange, Cole Alexander, ukusho abambalwa kule sizini.
Kubukeka laba kade bengekho kwizinhlelo zakhe.
"Belihlale lingekho iningi labadlali abadala ngenxa yokulimala, ukugula nangenxa yezimo ebezivela esikhaleni. Silahlekelwe u-80% wabadlali abanesipiliyoni. Kwesinye isikhathi ububasinda abadlali abancane umthwalo. Abanye bebesindwa nayingcindezi yokudlalela iqembu elifana neChiefs,“ kusho uZwane.
Kubadlali asebemnkantshobomvu, okuke kwabikwa ukulimala kubona, uKhama Billiat, Keagan Dolly ongasayiqedanga isizini, u-Eric Mathoho, owakhombisa ukuthi useluleme enikwa ithuba kwiCarling Cup ngoNovemba kanjalo no-Itumeleng Khune.
"Siqale isizini kuthembisa, kungathi sizoba sembangweni wokunqoba izinkomishi. Ngebhadi sihlaselwe izimo ebezingaphezu kwamandla ethu. Bekuthi uma sinqobe imidlalo emibili kuya kwemithathu bese silinyalelwe abadlali.
“Lokhu bekuphoqa ukushintsha isikwati sethu. Umgqigqo wethu bewufa kanjalo. Kunesikhathi lapho esike salahlekelwa abadlali bonke basemuva. Bekuyisizini ebenzima ngendlela eyisimanga," kuqhuba uZwane.
Ebuzwa ukuthi simuphathe kanjani isimo esenzeke emasontweni edlule, ehlaselwa ngabalandeli, uthe: “Ngiwumuntu osebenza kanzima. Ngeke ube sebholeni uma untekenteke. Akuqali ngami ukwehlelwa yilesi simo.
“Sengike ngababona abaqeqeshi bethwala kanzima kwisizini yokuqala bese kweyesibili babuye sebeshisa. Ngingathi nje, bekuyisizini yami yokufunda. Besifana neqembu elisha. Sengiyazi ukuthi bekumele ngenzeni ini, ngasikhathisini.”
Emdlalweni weCity kubonakale uBilliat obese kuphele isikhathi eside engadlali ngenxa yokulimala.
Ungene esikhundleni sika-Ashley du Preez naye ophume ngakho ukulimala.
Kuthe kusaphele imizuzu ewu-15, uBilliat engenile waphinde wakhishwa. UZwane uthe umkhiphe ngoba ubesexhuga. Uveze nokuthi bakhona abadlali azoqinisa ngabo isikwati ngesizini ezayo.