ABADLALI beMaritzburg United bazigxeke bona ngokuba sobishini kwaleli qembu elisengcupheni yokugawulwa yizembe kule nyanga.
Kade bekhuluma emuva komdlalo neMarumo Gallants bempintshelwe ekhoneni ngabalandeli abebefuna izimpendulo ngokushaya udaka kwabo enkundleni. ITeam of Choice idedele amaphuzu amathathu isiwaphethe ibambana neMarumo Gallants ngo-2-2 elinganise ngasekugcineni emdlalweni obuseHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoLwesithathu ebusuku.
Abalandeli kade besho ukubadla luhlaza abadlali ngemuva komdlalo, babalinda lapho abaphuma khona ezindlini zokushintshela. Isimo besimanzonzo kodwa bagcine bephumile ngo-12 ebusuku babhekana nolaka lwabalandeli.
Abadlali basolwe ngokungazinikeli ngokuphelele enkundleni nangokuthi bazotapa imali kuphela eMgungundlovu, abanandaba neqembu. Bekungokwesibili ezinsukwini eziyisihlanu abalandeli beMaritzburg befuna izimpendulo kubadlali kulandela isehlakalo sangeSonto lapho bebafikele khona ejimini.
Emuva komdlalo neGallants, abadlali bazivumele ukuthi akukho ukubambisana kubona bebodwa nakuba ithimba labaqeqeshi eliholwa nguFadlu Davids likwenza konke ukubalungiselela imidlalo.
Ukaputeni, u-Alfred Ndengane, uthe: "Asingeni enkundleni sinenhloso yokuhlulwa. Silwela iqembu. Okunye engifuna ukukusho wukuthi akekho umdlali lapha othatha imali kwenye indawo. Ngiyabethemba bonke. Sizolilwela leli qembu. Sikhulumile ngaphakathi (emuva komdlalo). Kule midlalo emibili esele sizokwenza konke okusemandleni. Akukhona ukuthi sifuna iqembu lidliwe yizembe."
Inkulumo kaNdengane yenanelwe nguRowen Human ogonyuluke ngokuthi kule sizini akakaze afinyelele ezingeni aziwa ngalo, wathi imbalwa imidlalo adlale kuyona into ebonakalayo. Bekuqale uWayde Jooste othe ngokwezinga labadlali abanabo, akufanele ngabe iMaritzburg ivika izembe.
ITeam of Choice isemsileni we-log yeDStv Premiership ngamaphuzu angu-26 emuva kwemidlalo engu-28. Endaweni ka-15 kuhlezi iChippa United ebambene ngamaphuzu angu-29 neGallants. EzaseMphithi zidinga ukuyiwina yomibili imidlalo esele ezizoyidlala neStellenbosch neMamelodi Sundowns ukuze zizozibeka ethubeni lokusinda ezembeni. Uma iGallants ingehlula iSundowns kusasa, iTeam iyobe isisele nethuba lokuzisindisa ngemidlalo yokuhlunga namaqembu aqhamuka kwiMotsepe Foundation Championship.
UDavids ukhale ngamaphutha aholela emagolini yenziwa ngabadlali kuyona yonke imidlalo, wathi uma abadlali bebona kunguyena inkinga abasho.
"Uma singawuwini umdlalo olandelayo, siphumile. Uma siwina sisenalo ithuba. Uma abadlali bezwa sengathi angifanele ukuba lapha, ngizohamba. Ayikho inkinga. Ngibatshelile lokho ngaphakathi. Esimeni esinjena iqembu yilona eliphambili. Nami ngiyakwamukela ukugxekwa ngoba yimina obophela isikimu. Ngifaka abadlali bangawenzi umsebenzi kanjalo nengishintsha ngabo bahluleke ukwenyusa umdlalo," kusho uDavids.
UDavids ukhale nangesihlava sokuvuzisa amagoli okungenye yezinto ezizobashovela ehlathini uma begcina belingana ngamaphuzu nelinye lamaqembu abasenkingeni nawo.