NGESIKHATHI izinkunzi zaseSoweto, iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates zinesithangami nabezindaba izolo, eRandburg eGoli, okugqamile ukuthi ziyavumelana ngokuthi isasasa lalo mdlalo wabakhaya lehle kakhulu kumasizini adlule ngenxa yokungenzi kahle kwabo ngokwahlukana kwiDStv Premiership.
Ezinkulumweni zabaqeqeshi bala maqembu, uCavin Johnson weChiefs noJose Riveiro weZimnyama, kuqaphelekile ukuthi bonke bakubona kusemqoka ukuthi babuyise idumela lalo mdlalo kubalandeli, kuqala ngalo wanamhlanje ngo-3.30 ntambama, e-FNB Stadium. Nokapteni bala maqembu, oweBhakabhaka, uThapelo Xoki no-Itumeleng Khune waMakhosi bahambe emazwini abaqeqeshi abo.
Bafuna kubuye udumo ngalo mdlalo obekwaziwa ukuthi iwona obhekwa kuqala ekhalendeni lebhola lakuleli ngenxa yobukhulu bawo.
Okuphawulwe ikhempu yeZimnyama ngalo mdlalo:
Jose Riveiro: "Isikhathi esisuka kusona ezinsukwini ezingu-18 ezedlule sinzima ngoba asizange siyithole imiphumela esifanele ekubeni besingadlali inhlakanhlaka.
"Okuhle ngalo weChiefs ukuthi womabili amaqembu aya kuwona engekho esimweni afisa sengathi abekusona okuzokwenza nabalandeli nhlangothi zombili babheke umphumela ovuna bona.
"Lokhu kuhle ngoba ikhona okuzokwenza umdlalo ushise kuvele namagoli okuyinto ethandwa abalandeli. Asikho isidingo sokudlala ibhola elincomekayo kulo mdlalo ngaphandle kwamaphuzu amathathu.“
Thapelo Xoki: "Asikaze sixhamazele ngenxa yemiphumela engemihle ebesiyithola emidlalweni yakamuva ngoba besiwathola amathuba kube ibhadi nje ukuthi angangeni enethini.
"Sizoqhubeka nokwenza lokhu ebesikwenza nakulo mdlalo olandelayo kodwa kungakuhle uma bengayishintsha indlela abadlale ngayo bebhekene nathi emidlalweni yangesizini edlule.
"Uma bengenza lokho nakanjani kuzodlaleka kangcono. Siyazi ukuthi umdlalo omkhulu kodwa kungaphoxa kakhulu uma bezoqhubeka nokudlala ngale ndlela abadlale ngayo bebhekene nathi ngesizini edlule. Sekukhalwe kakhulu ngowabakhaya obandayo ingakho kufanele silisebenzise ithuba singabadlali nhlangothi zombili, sikuqede lokhu.“
ENaturena nakhona kuculwa ivesi elifanayo:
Cavin Johnson: “Okusemqoka ukulwa imizuzu engu-90 silwele nezinkulungwane zabalandeli beKaizer Chiefs abazobe bekhona futhi siqinisekise ukuthi sibanika umdlalo oseqophelweni eliphezulu,” kusho uJohnson.
"Sidinga ukudlala ngendlela esifuna ukudlala ngayo, okuyindlela yeKaizer Chiefs. Ngalokho ngichaza ukuthi kumele sibuyele osukwini usihlalo uKaizer Motaung asungula ngalo leli qembu. Kufanele sibheke emuva ezinsukwini zika-Ace Ntsoelengoe, Doctor Khumalo, naye uqobo usihlalo nabanye abadlali abanohlonze asebeke badlalela leli qembu.
“Yileyo ndlela isizukulwane samanje esizama ukuyibuyisa ngoba iyona elethe impumelelelo eqenjini. Yilokhu engikushumayelayo selokhu ngithathe izintambo, ukwenza izinto ngendlela yeKaizer Chiefs. Lokho kusho ukudlala ibhola elihle, ibhola eliya phambili, ukushaya inqwaba yamagoli nokujabulisa abalandeli.”
Itumeleng Khune: “Kufanele senze isiqiniseko sokuthi siwulungele umdlalo futhi sizinikele ngakho konke ngoba lo mdlalo ufana nse nowanqamu. Ngumdlalo okumele siwunqobe ngoba abalandeli balindele lukhulu kithina njengabadlali. Siyakwazi okufanele sikwenze uma singena enkundleni, okuwukuthola amaphuzu amathathu, abalandeli bethu baphume enkundleni beziqhenya ngathi.”
Imidlalo yakamuva yeDStv Premiership phakathi kweChiefs nePirates
2022/23 Kaizer Chiefs 1-0 Orlando Pirates
Orlando Pirates 0-1 Kaizer Chiefs
2021/22 Orlando Pirates 1-2 Kaizer Chiefs
Kaizer Chiefs 2-1 Orlando Pirates
2021/22 Kaizer Chiefs 1-0 Orlando Pirates
Orlando Pirates 2-1 Kaizer Chiefs